Siphelile isikhathi samakhehla kwiBafana

UHugo Broos

OKADONGA GUMBI

Umqeqeshi omusha weBafana Bafana, uHugo Broos uthi uzolibumba kabusha leli qembu esebenzisa abafana abasebancane.

Uthe wethuka ngesikhathi enza ucwaningo lwakhe ngeBafana uma ebona iminyaka yabanye babadlali abebeqokelwe imidlalo yokuhlunga yakamuva.

“Ngike ngabuka eminye yemidlalo (yeBafana) ngeviki elidlule, ngizicwaningela nje ngeqembu.

“Ngamangala uma ngibona abanye babadlali abebeqokelwe le midlalo. Ngizokwenza isibonelo ngeCameroon ngoba ngenza okufanayo nakhona.

“Ngasebenza ngabadlali abasebancane, ababesenomfutho, besafuna ukuziveza emehlweni abantu,” kusho lo mqeqeshi ekhuluma nabezindaba.

Uthe lokhu ayekwenza wayengakususeli nje ekhanda kodwa kungenxa yokuthi naye wake walidlala ibhola ezingeni eliphezulu.

“Ngangingumdlali nami, futhi ngiyazi kuba njani uma usuneminyaka engu-30 kuya phezulu, umfutho uyancipha. Uyakujabulela impela ukuba seqenjini lesizwe, kodwa umdlandla usuke ungasafani nakudala.

“Njengoba iNingizimu Afrika ingakwazanga ukungena kwi-Africa Cup of Nations yangonyaka ozayo, lesi yisikhathi esihle sokwakha iqembu ngabafana abasebancane,” kuchaza yena.

Eminye yemisebenzi ebheke kulo mqeqeshi oneminyaka engu-69 wukuthi afake iBafana kwiNdebe yoMhlaba, okuyinto eyamhlula kwiCameroon, wabe esexoshwa.

“Sizokwenza konke okusemandleni ukuba singene kwiNdebe yoMhlaba yangonyaka ozayo, kodwa kuyobe asihlulekile emsebenzini wethu uma singapumelelanga kulokho.

“Ukwakha iqembu kuthatha isikhathi, kuyithuba labadlali abasebancane lokufunda ukuthi kunjani ukudlala kuleli zinga lebhola.

“Kimi okubaluleke kakhulu wukuthi kwenzakalani ngemuva kweNdebe yoMhlaba,” kusho yena.

UBroos ulindeleke kuleli ngeviki elizayo okuyilapho ezoqedela yonke into mayelana nemibandela yenkontileka yakhe.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.