Siphelile isikhathi sokuncengana nabangafuni ukuzinikela: oweChiefs

Siphelile isikhathi sokuncengana nabangafuni ukuzinikela: oweChiefs
Abadlali beKaizer Chiefs bezilungiselela ngaphambi komdlalo
OkaDonga Gumbi

Kuza izinguquko ezinqala kwiKaizer Chiefs futhi kunabadlali abazozithola sebekhonjwe indlela uma kuwukuthi kuzohamba ngokwenkulumo ka-Arthur Zwane.

Lo mqeqeshi uvele waliphalaza linjalo iqiniso ethi kunabadlali asebenabukeliswe isikhathi eside eqenjini kodwa bengalenzeli lutho.

Uze wathi vele abanye babo babengekho kwasezingeni lokuthi bengadlala kwiChiefs kodwa manje abasazinikeli kwakuzinikela nje.

“Iqiniso wukuthi siyazi ukuthi besingenabo abadlali abasezingeni elihle. Besinabo abadlali abadlalile kuleli qembu, kodwa lokho akusho ukuthi basezingeni,” kusho yena.

Ubekhuluma kanjena nje ubebuzwe ukuthi yini le eyenze iChiefs idonse kanzima kule minyaka eyisishiyagalombili edlule.

“Phela asikwazi ukuphindaphinda amaphutha awodwa. Ngabe siyathuthuka sibe ngcono? Lento ibulala abaqeqeshi ngoba kuba sengathi abaliciji ngokufanele iqembu.

“Buka nje amagoli asidlayo – ungasakunaki kwakukunaka ke ukuthi sihluleka kanjani ukwakha amathuba,” kuchaza uZwane.

FUNDA NALA: OweRich Boys ufuna ukuwaqhulula nakwiPremiership amagoli

“Emdlalweni wanamuhla sivele sashaya igoli elilodwa kwangathi sesenele asisawafuni amanye. Besingasafuni ukuya phambili, singasafuni ukuhlasela.

“Bekungathi sikhathele ukuthi sikhathazwe yini ngoba sibe neviki lonke lokubuyisa amandla silungiselele lo mdlalo.

“Yizo zonke izinto lezo ezisitshela okuthile njengeqembu ngokuthi ngobani okumele baqhubeke la eqenjini nokumele bahambe.

“Kumele sibe neqiniso ngalokho. Kunabadlali asebencengwe kakhulu isikhathi eside kuneswa imizwa yabo. Isikhathi salokho sesiphelile manje,” kusho uZwane.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.