Siphoxekile futhi yisifundo esinzima, kusho oweBaroka

UVincent Kobola
Sihle Ndlovu

UVincent Kobola, ongumqeqeshi kwiBaroka FC, uthi baphoxeke kakhulu ngokudliwa yizembe ngoMgqibelo.

IBaroka kuqinisekiswe ukuthi iyodlala kwiGladAfrica Championship ngesizini ezayo kulandela ukushaywa yiMaritzburg United ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership, eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngoMgqibelo.

Leli qembu bekumele liwine nakanjani ukuze lingadliwa yizembe bese limincele ukuthi iSwallows FC ingawini ngesikhathi ibhekene neKaizer Chiefs eFNB Stadium.

IZinyoni zidlale ngokulingana ngo 2-2 naMakhosi kodwa lokho akuyisizanga iBaroka njengoba yona ihlulekile ukuwina eMgungundlovu.

“Usuku olusidumaze kakhulu. Kubuhlungu kakhulu ukubona abadlali bami bekhala enkundleni,” kusho uKobola ngemuva komdlalo.

“Ngicabanga ukuthi benze konke okusemandleni ukuthi balwe kodwa isikhathi bese singabavumeli. Kuyaphoxa kodwa akukho okunye esingakwenza, kuyingxenye yebhola.”

IBaroka idlale ngeqembu elifanayo nelidlale neSuperSport United layishaya emasontweni edlule. Nokho ngoMgqibelo ibukeke ibuthuntu kakhulu.

“Bebazi ukuthi uma bewina lo mdlalo bazozinika ithuba lokuhlala kwiPremiership. Umdlalo wokugcina weligi futhi akungabazeki ukuthi ingcindezi ibinkulu,” kubeka uKobola othathe iqembu ngemuva kokuchitha uKgoloko Thobejane.

“Njengoba ngishilo kuyaphoxa futhi nesimo sezulu sibe nomthelela. Kuyaphoxa nje kakhulu. Kunemidlalo obekumele senze kangcono kuyona kule sizini. Kodwa siyafunda ukuthi nje sifunda kanzima.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.