‘Siphoxekile impela, kodwa asikhali kakhulu,’ kusho u-Everitt weSharks

Abadlali beSharks abasale bedumele iBlue Bulls ihamba nendebe yeCurrie Cup

UMBHALI WEMPEMPE

Umqeqeshi weCell C Sharks, uSean Everitt useveze ukuthi kuningi abangazigqaja ngakho nabakuzuzile kule sizini yeCurrie Cup kunokukhalela ukuthi behlulwe kowamanqamu.

ISharks iguqe kanzima kowamanqamu obuseLoftus Versveld ngoMgqibelo ntambama. Ishaywe ngo 26-19 yiBlue Bulls esikhathini esengeziwe ngemuva kokuba umdlalo uphele zibambene ngo 19-19.

“Siphoxekile. Abadlali badumele, ngibazwela ubuhlungu,” kusho e-Everitt ucashunwe esho kanje kwi-news24.com ngemuva komdlalo. “Bazikhandlile imizuzu engu-100 yonke.”

Bekuyizini enzima kanti isimo sibe nzima kakhulu ngemuva kokubheduka kweCoronavirus ephazamise izinhlelo kwagcina kunemiqhulwano eyekwayo eminye yahlehliswa.

Yikho lokhu okwenza u-Everitt azigqaje ngeqembu lakhe elikwazile ukuvuka lizithathe ngemuva kwazo zonke izinto ezenzekile. Uthe akumele bakale impumelelo yabo ngomdlalo owodwa.

“Bengibatshela abadlali phakathi neviki ukuthi ngeke ukale impumelelo yakho yesizini yonke ngomdlalo owodwa. Awukwazi ukwenza lokho ngoba ziningi izinto esezenzekile kusukela ekuqaleni kuka-2020 kuya ekupheleni kukaJanuwari 2021.

“Kunabadlali abanikwe ithuba. Kunabadlali abangene eqenjini benza kahle kakhulu. Iqembu likhulile, kanti nesiko eqenjini likhulile. Kuningi nje okuhle okwenzekile,” kuchaza u-Everitt.

Uma ebheka isizini yonke, u-Everitt uthe kubafanele ukweneliseka ngabakuzuzile kwazise bebengabhekwe muntu ukuthi bengaze bafike kowamanqamu.

“Kwathiwa siphelezele abanye ngesikhathi singena kowandulela owamanqamu. Kodwa sikifike kowamanqamu sayidudula kwaze kwaphela imizuzu engu-100 iBlue Bulls.

“Ngiyaziqhenya ngabadlali bami. Ngabe le sizini ibe yimpumelelo? Yebo kunjalo,” kusho u-Everitt.

Leave a Reply

Your email address will not be published.