Siqhubekile nokukhala isimbambamba kwiKaizer Chiefs

ULehlohonolo Majoro waMaZulu FC ushaye igoli lokuwina bebhekene neKaizer Chiefs koweligi

SIHLE NDLOVU

Kuphinde kwacaca ukuthi kule sizini iwukudla kwenduku kuphela iKaizer Chiefs ngesikhathi ishaywa AmaZulu FC emdlalweni weDStv Premiership, eFNB Stadium, ngoLwesithathu ntambama.

Kulo mdlalo bezingahlangani nhlobo izinto kwiChiefs yize izame ngakho konke ukukhombisa ukuthi idlalela ekhaya. IChiefs ibiye kulo mdlalo ivele ishayela phansi ngemuva kokushaywa yi-Orlando Pirates ngo 2-1 koweligi, kwase kulandela ukuwashiswa ijezi yiRichards Bay FC kwiNedbank Cup Last 32.

Umdlalo ubungacaci ukuthi ubheke ngakuphi kwaze kwaba u-Augustine Mulenga uzuma unozinti weChiefs u-Itumeleng Khune ngenguzunga yeshodi eshaye kwi-crossbar yabuyela enkundleni ngomzuzu ka-38. Akukho okutheni okwenziwe yiChiefs ngesiwombe sokuqala phandle kwebhola elidonswe nguDaniel Cardoso laphuma phezu kwepali ngomzuzu ka-41.

Ngemuva kwalokho bekubukeka sengathi umdlalo uzoya ekhefini kungu 0-0. Nokho iChiefs ihuqe ubuthongo emuva uMulenga walibeka phakathi ngomzuzu ka-45. Leli bhola bekufanele ilikhiphe iChiefs kodwa yadlala sengathi vele isisekhefini.

Isiwombe sesibili siqale kungaMaZulu abesaqhubeka nokuhlasela. Ibhola elishaywe nguLuvuyo Memela liqonde ngqo kuKhune walibamba kalula ngomzuzu ka-49. IChiefs izamile ukubuya nokuthe ngomzuzu ka-60 ibhola ebelingqofwe uSamir Nurkovic lamthola elilindele uVeli Mothwa emapalini oSuthu.

Ngomzuzu ka-67 iChiefs ithole iphenathi ngemuva kokuthi uTapelo Xoki edonse uNurkovic ebhosini. Le phenathi ibekwe phakathi uLeonardo Castro obesanda kungena endaweni kaLebogang Manyama. UManyama ubengene esiwombeni sokuqala ngemuva kokulimala kukaHappy Mashiane.

Ngomzuzu ka-72 kucishe kwahwalala kwiChiefs ngesikhathi ibhola likaSiphelele Magubane lishaya icrossbar selimdlile uKhune. Kuthe ngomzuzu ka-73 uDarrel Matsheke weChiefs wathola ikhadi elibomvu ngemuva kokuthola ikhadi eliphuzi lesibili. Lokhu kuphoqe uGavin Hunt ukuthi afake uWillard Katsande.

Ngomzuzu ka-86 uLehlohonolo Majoro ongene endaweni kaSiphelele Mthembu ushaye igoli eliqede nya ngeChiefs, kwacaca ukuthi induku iyayilandela.

Ngemizuzu yokugcina ibhola elingqofwe uNurkovic uthule nalo ngqi uMothwa, kwaphela kanjalo ngeChiefs eFNB.

Email: Editor@impempe.com – Twitter: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *