Sisekude nokuqukula isicoco seligi – uMngqithi

Sihle Ndlovu

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uManqoba Mngqithi, uthi basaqhelelene nokuphakamisa isicoco seligi yize bevule igebe lamaphuzu angu-18 esicongweni seDStv Premierhip.

Abafana Ba-Style bahamba bodwa selokhu kule sizini futhi kubukeka sengathi alikho iqembu elizoyiphazamisa ekuqukuleni isicoco seligi.

“Ngikholwa ukuthi kusekude ukuthi kuthiwe isicoco sesithathiwe. Kodwa lokho akuyona ngisho into esigxile kuyona njengamanje ngoba asifuni ukubeka imiqondo kwiligi kuphela, ngoba sifuna ukuzuza okungcono kunangesizini edlule,” kusho uMngqithi.

“Okubalulekile kithina akukhona lokhu okwenzeka kwiPremiership kodwa yilokho esicabanga ukuthi kubalulekile kwiSundowns, ukwenza isiqiniseko sokuthi senza amarekhodi ethu abe ngcono.”

ISundowns izobhekana neMaritzburg United emdlalweni weDStv Premiership eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngoMgqibelo ngo-7.30 ebusuku. UMngqithi ukholwa wukuthi iTeam of Choice ingaba yingozi enkulu kubona.

“Omunye umdlalo lowo onzima okumele siwulungiselele kahle. La maqembu angenzi kahle ayingozi kakhulu,” kusho uMngqithi.

“IMaritzburg ayenzi kahle ngakho asifuni ukuthi ivuke ngathi. Kodwa sikholwa ukuthi abadlali bethu bayazi kubaluleke kanjani ukuthi badlale ngokuzimisela.

“Kumele banike (iMaritzburg) inhlonipho eyifanele, ngoba uhambo lwethu luselude kakhulu futhi sisenenselelo yokumela ibheji lethu ngokuziqhenya.”

ITeam of Choice isendaweni ka-12 kwilogi yePremiership, kanti iwadinga kakhulu amaphuzu ukuze izame ukubalekela izembe.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.