Sisenomfutho ngemuva kokushaya iSundowns, kusho uRitchie

UKeegan Ritchie
Sihle Ndlovu

UKeegan Ritchie, weMaritzburg United, uthi basenomfutho abawuthole ngokushaya iMamelodi Sundowns njengoba bezovakashela iSekhukhune United ngoLwesithathu.

ISekhukhune neTeam of Choice bazotholana phezulu emdlalweni weDStv Premiership, e-Ellis Park Stadium, ngo-5.30 ntambama.

“Sinokuzethemba kakhulu njengoba sisanda kushaya iSundowns, okube yinto enkulu kithina. Sisenayo ingcindezi kodwa ukuwina (kwiSundowns) kuthe ukuyisusa ingcindezi,” kusho uRitchie, owake wadlalela iKaizer Chiefs.

“Siyazethemba, abadlali bebezilungiselela kahle. Umoya oheleza ekhempini yethu muhle kakhulu. Sikulungele ukuyodlala sithole amaphuzu amathathu.”

ISekhukhune izongena kwiTop 8 uma iwina lo mdlalo njengoba isendaweni yesishiyagalolunye kwilogi yePremiership. Ngakolunye uhlangothi iTeam of Choice isalwela ukuphepha ezembeni njengoba iyibambe endaweni ka-21 ngamaphuzu angu-21.

“Kumele siwine noma singadlalanga kahle manje. Uma kungadlaleki ngendlela esifuna ngayo kumele silwe kuze kube sekugcine, sethembe ukuthi sizowina,” kusho lesi sitobha.

“Kubalulekile ukuqoqa amaphuzu manje. Uma singathola amaphuzu ayisishiyagalolunye emidlalweni emithathu ezayo, lokho kuzosibeka endaweni engcono kakhulu.”

Ukuthola la maphuzu kweTeam of Choice kungayibeka emaphuzwini angu-30. Ukufika kula maphuzu kusuke kusho ukusinda ezembeni, isikhathi esiningi.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.