Siveza ozokwethulwa yiMaritzburg United njengomqeqeshi wayo

Siveza ozokwethulwa yiMaritzburg United njengomqeqeshi wayo
Intatheli yeMpempe

IMaritzburg United isuse okwayo ukuqagula ngesikhathi imemezela ukuthi izokwethula izinguquko eqenjini layo ngoLwesibili ekuseni.

Leli qembu selimeme abezindaba ukuba bafike enkundleni edlalela kuyo imidlalo yasekhaya iHarry Gwala Stadium ukuzozwa ukuthi iphethe ziphi.

Kulindeleke ukuthi lethule umqeqeshi leli qembu kwazise lisanda kwehlukana no-Ernst Middendorp obeyibambe kulo ngesizini edlule.

Laveza ukuthi abaphathi abenelisekile ngendlela abamthengela ngayo abadlali lo mqeqeshi kodwa iqembu bese lihlala livika izembe.

Impempe seyithole ngomthombo wayo ongavamisile ukushaya eceleni ukuthi leli qembu lizokwethula uGavin Hunt njengomqeqeshi walo omusha.

UHunt akanaqembu njengamanje kulandela ukuxoshwa kwakhe kwiChippa United ngesizini edlule kanti ubebhekwe nakwi-Orlando Pirates.

“Kuzoba uHunt ngokuzwa kwami. Kodwa ke abaphathi baluphathise okwezikhali zabentungwa lolu daba abafuni luputshuke,” kusho lo mthombo.

FUNDA NALA: Engabe yini eyenze uPitso Mosimane acele ukudedelwa kwi-Al Ahly

“Kodwa umuntu engizwe kuthiwa bavumelana ngaye bonke nguye uHunt ngoba u(Fadlu) Davids yena basenokumngabaza yize naye ubekhona ohlwini.

“Kungenzeka ke ukuthi ukhona omunye ebengingezwanga ngaye abamtholile kodwa okwamanje ngingakutshela nje ukuthi kuzoba uHunt.”

Lo mthombo uthe ngenxa yokuba ncane kwesikhathi leli qembu elibe naso sokuthola umqeqeshi ngemuva kokukhomba uMazinyo indlela, awuboni kungaba oqhamuka ngaphandle kwakuleli.

Nokho kungenzeka ukuba limthole kwi-Arminia Bielefeld yaseGermany abasanda kusayina nayo isivumelwano sokusebenzisana nokusizana.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *