Siya ngokushuba isimo kwiSwallows, kukhona abangajimi ngoba abaholile

Siya ngokushuba isimo kwiSwallows, kukhona abangajimi ngoba abaholile
UTebogo Langerman noDavid Mogashoa
Inatheli yeMpempe

Kukhona abadlali abangasalubhadi ejimini kwiSwallows FC okuthiwa ikhungethwe yizinkinga zemali.

Impempe ithole ngomthombo wayo ukuthi uTebogo Langerman, ongomunye wabadlali abanamava kuleli qembu, akazange ajime ngeviki elidlule edutshiswe ukungaholi.

“Akazanga ejimini kwathi uma ebuzwa ukuthi kungani wathi akanayo imali yokufaka uphethiloli bese eza ejimini ngoba akaholile.

“Asazi ke noma usho ukuthi akaholanga nhlobo noma njengabanye naye uyithole ingaphelele imali yakhe ngoJanuwari.

“Abanye abakaze bayithole iphelele imali yabo kusukela ngoDisemba,” kusho umthombo ocele ukungavezwa ngoba wenqena ukuquliswa.

Impempe beyike yabika phambilini ngezinkinga zemali okuthiwa zikuleli qembu nokudale uqhekeko nokuhudula izinyawo kubadlali.

FUNDA NALA: Abaphathi bakaPitso abaneme ngamahlebezi ngenkontileka yakhe

“Isimo asisihle neze. Empeleni sibi ngale ndlela yokuthi uyabona ngisho ejimini ukuthi kubi. Injabulo namancoko abehlale ekhona akusekho.

“Usuyabona nje ukuthi abadlali sebezela ukuzosebenza nje bese bebuyela emakhaya akusekho ukujabulela ukuza ejimini.

“Baze bahlulwa nayiqembu lama-amesha ejimini ngeviki elidlule ngoba ububona nje ukuthi abadlali bayazihudula, abanamdlandla.

“Ukuthi ke emidlalweni yangempela bazokwenzanjani, asazi uma kunje,” kusho lo mthombo.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.