‘Siyabazi ubuhlungu esinidalele bona,’ kusho uNtseki weBafana

UMolefi Ntseki noThulani Hlatshwayo

OKADONGA GUMBI
Ukuvumile ukuthi bekumele benze kangcono futhi balidumazile izwe ngokuhluleka ukungena kwiCAF Africa Cup of Nations (AFCON) ezoba seCameroon ngonyaka ozayo umqeqeshi weBafana Bafana, uMolefi Ntseki.
IBafana iqede isendaweni yesithathu eqoqweni layo okuyenze yasala ngaphandle emaqenjini angu-24 azobe elwela isicoco se-AFCON eCameroon.
“Sonke siphoxekile, besikubheke ngabomvu ukungena kwi-AFCON. Uma ubheka ukuthi sawuqala kanjani umkhankaso wethu, sasigcwele ukuzethemba ukuthi sizophumelela,” kusho uNtseki.
“Besilindele ukwenza kahle sibhekene neGhana ekhaya, nakwiSudan ekuhambeni. Ukubambana neGhana ekhaya kwenze izinto zaqansa kithi njengoba bese sibheke kwiSudan.
“Besazi ukuthi kuzoba nezinselelo eziningi ekuhambeni njengoba sibe nethuba elilodwa lokuzilolonga ngaphambi komdlalo,” kuchaza lo mqeqeshi.
Uthe ukusheshe bangenelwe yigoli eSudan yikho okubadonsele amanzi ngomsele, kwenza umdlalo wasinda kakhulu njengoba bese belandela ngemuva nje.
“Siqale Kabi ngokusheshe singenelwe yigoli. Besingafuni ukungenelwa yigoli. Umdlalo siwuqale sifumbethe iphuzu, sibgafuni lisilahlekele. Kodwa sivumele iSudan ukuba isephuce Lona yagcina isiwawola womathathu.
“Ukwehlulwa amathuba nakho kusibulele. Sizamile ukwenza izinguquko kubadlali namacebo okudlala, kodwa asangakwazi ukuthola amagoli okulinganisa ukuze sibuyise iphuzu lethu.
“Leli hlazo akukhona elethu sodwa, siphoxe neSAFA. Into efunwa wusosesheninwethu isolaba, wukubuyisa isithunzi sebhola laseNingizimu Afrika ngokuthi singene kuyo yonke imiqhudelwano emikhulu,” kusho yena.
UNtseki, othathe isikhundla sokuqeqesha iBafana ngo-2019 ngemuva kokushiya kukaStuart Baxter ayeyiphini lakhe, uthi bebefuna ukuyolungisa amaphutha enzeka emqhudelwaneni odlule kwi-AFCON.
“Njengabantu baseNingizimu Afrika abazigqajayo, besilindele iBafana ingene kwi-AFCON bese yenza kangcono kunasemqhudelwaneni odlule. Ukuphoxeka ngokwawo wonke umuntu waseNingizinu Afrika.
“Abadlali nabaqeqeshi bayalwazi usizi nobuhlungu abakudalile. Kodwa kumele sibe neqiniso, asikwazanga ukuthola abanye babadlali bethu ngenxa yeCovid-19, abakwazanga ukufika.
“Nabanye balabo abadlali kahle sibhekene neGhana abakwazanga ukudlala kwiSudan ngenxa yokulimala. Kuyishwa nje konke lokhu ngoba bese kuseduze phambili.”
Uthi lokhu kuphoxeka kuphindeke kabili kuye ngoba ubefuna ukuzakhela igama kwazise ukufaka iqembu kwi-AFCON akuyona into encane.
“Njengenhkoko yabaqeqeshi, nginohlaka lokulungisa izinto kwiBafana. Yonke into beyihamba kahle. Besinamaphuzu ayishumi futhi sesidibgabelilodwa nje qha. Njengomqeqeshi, okunguyena ohola ithimba eliqoka abadlali, ukuphoxeka kwami kukhulu kakhulu. Lokhu kukhubaza ukukhula kwami njengomqeqeshi.
“Impumelelo yeqembu, iyimpumelelo yami. Ukwehluleka kweqembu kuqala kimi ngoba kusho ukuthi ngihlulekile njengomqeqeshi. Kumele sikuvume lokho.
“Uma iqembu liphumelele, uphenduka intandokazi yawo wonke umuntu. Kodwa uma lehluliwe, uphenduka intandane. Nokho izinto ezinjalo ezakhona ebholeni.
“Siyakuvuma ukona kwethu, kumele sikuvume bese siyaqina. Njengomuntu waseNingizimu Afrika, bengifuna ukubona iqembu lami likwi-AFCON. Ngiphoxeke kakhulu.”

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.