Siyameseka uMothwa, akekho ongalenzi iphutha – owoSuthu

UVeli Mothwa

 

Sihle Ndlovu

Ukaputeni waMaZulu FC, uMakhahleni Makhaula, uthi bayameseka ngakho konke unozinti wabo, uVeli Mothwa, owenze amaphutha ngesikhathi beshaywa yiSuperSport United.

Lo nozinti ube sematheni ngempelasonto edlule ngesikhathi Usuthu lushaywa ngo 2-0 yiSuperSport emdlalweni weDStv Premiership, ngenxa yamaphutha amabili awenzile aholele kula magoli.

“Sidlale kahle kulo mdlalo (neSuperSport), sakha amathuba amaningi. Nokho uma kungelona usuku lwakho akukho ongakwenza,” kusho uMakhaula.

“Uma ubheka kahle nabo abazange bakhe amathuba atheni. Kwenzekile nje ukuthi senze amaphutha amabili, sahluleka nawukweseka unozinti wethu ngendlela.

“Usisize kakhulu (uMothwa) ngesizini edlule kanti usenza okufanayo nakulena. Ukube akukhona ukudlala kahle kwakhe, angicabangi ukuthi besingagcina sidlala kweyamaqoqo kwiChampions League.”

UMothwa unesizini engafani neyedlule njengoba efike adlale kahle kodwa kweminye imidlalo enze amaphutha alimaza iqembu. Ubengaqali ukwenza lokhu ngalo mdlalo wabo neSuperSport.

“Sonke siyawenza amaphutha ngakho akekho okufanele simgxeke kakhulu. Asimgxeki nakancane unozinti wethu, siyameseka. Uzobuya ngamandla izinto ziphinde zihambe kahle.”

UMakhaula uthe ulindele ukuthi ibahlasele ngamandla i-ES Setif, yase-Algeria, abazobhekana nayo emdlalweni weCAF Champions League ekuhambeni, ngoMgqibelo ngo-8 ebusuku.

“Sisesimeni esihle singabadlali, abaqeqeshi basilungiselele kahle. Banomqeqeshi omusha ngakho bazofuna  ukuziphindiselela,” kusho uMakhaula.

Usuthu lushaye iSetif ngo 1-0 emzuliswaneni wokuqala eMoses Mabhida Stadium, emasontweni edlule.

“Kuzoba umdlalo onzima kithina ngoba sizobe sidlala ekuhambeni. Kodwa kumele siwuwine lo mdlalo. Ngiyazi bazojiba konke kithina.”

AmaZulu awine imidlalo emibili yeChampions League ekhaya njengoba eshaye neHoroya AC, kanti azozama ukuqhubeka nomgqigqo omuhle ngoMgqibelo ekuhambeni.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.