Siyaqina ‘isiqalekiso’ seGhana eyarobha iBafana emini kwabha

Siyaqina 'isiqalekiso' seGhana eyarobha iBafana emini kwabha
UKurt Okraku
Alfred Ngubane 

‘Isiqalekiso ésihlezi phezu kweGhana selokhu yabamba inkunzi iBafana Bafana emini umhlaba wonke ubbhekile siyakhula.

Leli lizwe likhishwe kabuhlungu kwi-Africa Cup Of Nations ngemuva kwesigaba samaqoqo eCameroon kusaphele izinyangana igile iBafana isilo sengubo.

Kuthe kusenjalo iGhana yabe seyiqhathwa nezinkuzni iNigeria esigabeni sokugcina sokuhlungela ukungena kwiNdebe yoMhlaba ezoba seQatar.

IGhana Football Association ibe seyifaka isicelo kwiCaf sokuthi lomdlalo bawuse lapho bajuqa khona iBafana eCape Coast Stadium eseKumasi.

FUNDA NALA: UNdishi uzama ukubuyisa ibhola lakhe kwiMsinga United

Nokho le nhlangano eyengamele ibhola lase-Afrika ishaye phansi ngonyawo, yathi ngeke kwenzeke lokho.

Ithe iqaba nje yingoba le nkundla ayikho ezingeni lokuthi kungadlalelwa kuyo imidlalo esezingeni lomhlaba, yathi awuye eBayara Sports Stadium.

Leli lizwe libonakala lilahlwe yizinyanya zalo ngenxa yenkohlakalo okuthiwa inuka phu enhlanganweni ephethe ibhola kulo.

Nalokhu eyakwenza kwiBafana kwayifakela isigcwagcwa kubalandeli bakuleli asebehlale beyiminyele ukuthi ingalungelwa yilutho.

Kumanje nje ‘isiqalekiso’ siyaqina njengoba iqembu lesizwe lingenaye umqeqeshi njengoba kunombango omubni ngokuthi ngubani okumele aqashwe kulo msebenzi.

Umengameli weGFA uKurt Okraku ulwa nezintatheli zakhona kubangwa ukuthi uthi zifuna ukumfunza abaqeqeshi abathandwa yizo.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.