‘Siyiyeke sesiyibambile iSundowns,’ kusho oweSekhukhune

'Siyiyeke sesiyibambile iSundowns,' kusho oweSekhukhune
ULinda Mntambo oshaye igoli elibuyisele iSekhukhune emdlalweni
Sbongs Gumbi

Isale incela izithupha ingasawatholanga amaphuzu agcwele iMamelodi Sundowns njengoba iSekhukhune United igoloze nawo seyithembile.

Kuyiwe ekhefini iSundowns seyihamba phambili futhi seyithembile ukuthi izohamba nawo amaphuzu ngendlela obekwenzeka ngayo.

Kodwa iSekhukhune ibuye seyingagayelwe mphako ngesiwombe sesibili, yasheshe yathola igoli lokulinganisa.

Nokho bebengalithola elinye igoli bawunqobe umdlalo kodwa badlala ngawo. Umqeqeshi uKaitano Tembo ubancomile abadlali bakhe, wathi badlale kahle esiwombeni sesibili.

“Kudingeke ngibahomoze ngesikhathi sekhefu, ngibakhumbuze ukuthi nathi siyakwazi ukudlala. Bekungathi asifuni ukudlala esiwombeni sokuqala.

“Besilokhu silinde bona badlale bese thina sibamaka. Lokho bekusicindezela. Kodwa esiwombeni sesibili besesinomdlandla.

“Sikwazile ukuthola amabhola aya phambili. Sisheshe salishaya negoli kodwa bekumele siqhubeke ngendlela esishaye ngayo igoli,” kusho uTembo.

ISundowns beyizingenela kalula nje ebhokisini leSekhukhune futhi kuzicacela ukuthi igoli ingalithola noma nini uma seyilifuna.

ISekhukhune yona beyingenankinga nokuhlala ivale emuva. Nokho kucishe konakala ngomzuzu ka-16 uPeter Shalulile elibeka enethini.

Kodwa kulamule unompempe othe leli goli ulishaye esesendaweni engamfanele, alangabalwa. Kuthe sekubalwa amanenjana uyiwe ekhefini, lakhala enethini.

Kulokhu alizange liphikwe igoli likaShalulile yize uGaston Sirino emphasele kade besendaweni engabafanele bobabili.

Kuthe zibuya nje ekhefini, iSekhukhune yalithola elokulinganisa. Imake ibhola iSundowns isathi iliqala emuva, qede yaqonda ngqo emapalini kaRonwen Williams.

UTshegofatso Mabasa ukhombise ukungabi namona, walibeka phambi kukaLinda Mntambo ibhola, yena abe eselinamathisela enethini.

Womabili lamaqembu awartholile amanye amathuba kodwa ahluleka ukuwasebenzisa ngendlela efanele. Umdlalo uphele zibambene ngo 1-1.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *