Sizokwenza esikutshelwa ehhovisi, kusho uDolly ngokuhlonipha iDowns

Sizokwenza esikutshelwa ehhovisi, kusho uDolly ngokuhlonipha iDowns
UKeagan Dolly noSiyabonga Ngezana
OkaDonga Gumbi

Njengoba iKaizer Chiefs izobhekana neMamelodi Sundowns esivele ingompetha beDStv Premiership kulindeleke ikhombise inhlonipho ngokuyakhela udonga uma seyingena enkundleni.

Lokhu, okubizwa ngeGuard of Honour ngesiNgisi, kusuke kuwuphawu lokukhombisa ukubongela nokuhalalisela iqembu eselingompetha.

Sekuke kwanezimpikiswano ke ezinkundleni zokuxhumana ngalokhu ukuthi ngabe iChiefs izokwenza yini ngeSonto uma lamaqembu esebhekene.

Ebuzwa ngalokhu uKeagan Dolly weChiefs kodwa odlale isikhathi eside kwiSundowns, uthe bazozwa ngabaphathi ukuthi benzeni.

“Akukhona okwethu ukuthi senze lokho… Thina sizolalela okuzoshiwo yihhovisi bese senza njengoba besho,” kusho uDolly.

FUNDA NALA: Ihoxiselwe isigwebo iMarumo Gallants ngemuva kokuvumelana noPaez

“Thina okwethu ukugxila kokumele sikwenze uma sesisenkundleni okuwukuwinela iChiefs umdlalo.

“Ngiyazi kuzoba wumdlalo omnandi ngoba basemuzweni omuhle njengoba sebeyiwinile iligi. Kodwa thina sizogxila ohalngothini lwethu nakulokho esikwazi ukukwenza.”

ISundowns iyiwine okwesihlanu kulandelana iligi kanti kwiChiefs kusavalwe ngehlahla njengoba sekuzophela isizini yesishiyagalombili indebe ingabonwa.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.