Sizoyibophelela eliqinile iMathaithai, kusho uRulani weSundowns

Sizoyibophelela eliqinile iMathaithai, kusho uRulani weSundowns
UGeroge Maluleka
OkaDonga Gumbi

Cishe into ebhekiwe emdlalweni weMamelodi Sundowns olandelayo wukuthi izoyibhaxabula ngamagoli amangaki iMathaithai FC kwiNedbank Cup ngoLwesibili kusihlwa.

Uma kubhekwa amazinga alamaqembu kuvele kubuye izinkumbulu zesikhathi iSundowns ibhudluza iPowerlines FC ngo 24-0 kuwo lo mqhudelwano ngo-2012.

ISundowns yaba nenhlanhla njengoba yaqhathwa naleli qembu elidlala kwi-ABC Motsepe League eFree State ezogadulisana nayo eLucas Moripe Stadium.

Cishe iningi labadlali beMathaithai bazobe beqala nokudlala sekuhwalele sekukhanyiswe izibani okuzokwenza izinto zivune iSundowns.

Umqeqeshi weSundowns, uRulani Mokwena uthi ngeke bayixegisele iMathaithai njengoba bezobophela iqembu eliqinile nje.

“Sizodlalisa iqembu elihle. Kumele siqinisekise ukuthi iqembu liqine ngokwanele ukubhekana nakho konke okungase kwenzeke kulo mdlalo,” kusho uMokwena.

FUNA NALA: Ummeli weSekhukhune uthi izidlalele ngesikhathi iRoyal AM ngecala

“Kumele siqinisekise ukuthi umdlalo wangoLwesibili siwulungele kahle ngokwemiqondo nangokwemizimba. Lokho kosisiza kakhulu.”

Lo mdlalo uzonika abadlali abangajwayele ukudlala kwiSundowns ithuba lokuthi nabo bake balithoe ijezi. Omunye walabo badlali nguGeorge Maluleke osalizwa ngendaba ijezi kule sizini.

Lokhu kungenxa yokuthi  iningi labadlali elivamise ukuqala imidlalo kungenzeka baphunyuzelwe umdlalo weCaf Champions League ne-Al Ahly ngempelasonto.

“Unamava amakhulu (uMaluleka) futhi unekhono lokuhola enkundleni. Futhi nguye umdlali esesibonile ukuthi singathembela kuye emidlalweni ezayo.

“Sinabo abanye abadlali abangakalitholi ithuba, into ebalulekile wukuthi basebenze ngokuzikhandla ukuze bagcine befike eqenjini eliqala imidlalo.”

Okunye okuzokwenza izinto ziqanse kakhulu kwiMathaithai wukuthi iSundowns ibuya endukwini kwiDStv Premiership eyishiye ikhalisa okwe-ambulense.

Ishaywe yiMaritzburg United ngo 2-1 ilekelelwa ngunompempe uThando Ndzandzeka owenze izinqumo ezingagculisi kulo mdlalo neziholele emagolini elasekhaya.

Ngale kokuthi iSundowns – esahlulwe kabili kuphela kule sizini – ngeke ivume ukuhlulwa kabili kulandelana, kungaba yihlazo elibi ukuthi ishaywe yoqembu lesigaba esiphansi.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.