Sizoyidudula kuze kube sekugcineni iSundowns – Benni

UThabo "Section 10" Qalinge

SIHLE NDLOVU

Ukuhlala esicongweni selogi kwiDStv Premiership kwaMaZulu FC yinto emthinta kwamancane umqeqeshi wawo uBenni McCarthy

Usuthu lugxumele esicongweni ngemuva kokushaya iLamontville Golden Arrows ngo 1-0 emdlalweni womkhaya eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont, ngoMgqibelo.

Lo mphumela uqinisekise ukuthi AmaZulu anyukela kumaphuzu angu-50 okokuqala emlandweni, kanti lokhu bekusho ukugudluza iMamelodi Sundowns ebilokhu iqhwakele isizini yonke.

“Singunombolo 1 ngemuva kokuthi iSundowns kade ihleli esicongweni isizini yonke. Ekugcineni iqembu elisuka kunombolo 13 lenze into engakholeki linyukela esicongweni kwilogi.

Usuthu lungase ludilizwe kulesi sikhundla ngeSonto uma iSundowns ingaphuma newini kwi-Orlando Pirates.

“Ngibonga abadlali ngomsebenzi oncomekayo nokuzimisela kwabo. Baphokophelele ukuphumelela, mina njengomqeqeshi wabo (ehleka) yinto eyehla kamnandi lena,” kusho uMcCarthy obezwakale esese ngemuva komdlalo.

Uthe ngokwakhe leli qembu alihlanganisile ngeke liphinde likhohlweke emlandweni waMaZulu

“Ngicabanga ukuthi abanye balaba badlali kumele babe semlandweni waMaZulu ngoba ngeke uphinde ube neqembu elidlala kahle kanjenjengoba laba badlali benza,” kukloloda uMcCarthy.

Uvumile ukuthi umdlalo ubunzima ngoba bebebhekene neqembu elidlala kahle kule sizini. I-Arrows iyibambe endaweni yesithathu kwilogi.

“Bekuwumdlalo onzima kakhulu kithi futhi nenkundla ayisisizanga kakhulu ngenxa yemvula. Besingakwazi ukudlala ibhola esilijwayele.

“Bekunzima ukubamba ibhola nokudlala. Ngesiwombe sokuqala ngicabanga ukuthi besiyiqembu elingcono ngayo yonke indlela.

“Kube yibhadi nje ukuthi kusithathe isikhathi eside kangaka ukushaya igoli ngoba sithole amathuba amabili amahle kakhulu.

Ngesiwombe sesibili senze ushintsho ngoba uSection 10 (Thabo Qalinge) ubezwa izinhlungu ngakho bekumele sihlele kabusha.

Ngicabanga ukuthi yilapho umdlalo utshekele khona kwi-Arrows ngoba benze ushintsho bafaka abadlali ababili abahlaselayo,” kusho uMcCarthy.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *