U-10111 uncoma amagalelo kaBilliat kwiChiefs

UKhama Billiat

 

UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Uncome amagalelo kaKhama Billiat weKaizer Chiefs, umqeqeshi u-Arthur “10111” Zwane ngemuva kokuthi beshaye iMaritzburg United koweDStv Premiership eFNB Stadium, ngoLwesithathu.

UBilliat ushaye igoli kulo mdlalo waphinde wakha elesibili elishaywe uNkosingiphile Ngcobo kulo mdlalo ophele ngo 2-0.

“Ngicabanga ukuthi asiqalanga kahle neze. Imizuzu engu-20 yonke bebesihlasela, besidinga ukuthola lelo goli ukuze sithi ukukhululeka,” kusho uZwane.

“Ngemuva kwalokho sibe sesiqala sidlala kangcono ngoba besifuna ukugcina ibhola, silinde isikhathi esikahle sokuhlasela.

“UKhama ubehleli eziveza ezikhaleni njalo nje. Ngicabanga ukuthi uPhatho (Nange) ubecwilile ngenxa yezizathu ezaziwayo. Kodwa njalo uma ephethe ibhola besazi ukuthi uzosinika okuthile.”

IChiefs inyukele endaweni yesithathu ngokuwina lo mdlalo. Nokho ingase igudluke kule ndawo ngoLwesine uma i-Orlando Pirates ishaya AmaZulu noma lona Usuthu luwina.

AmaZulu nePirates banamaphuzu angu-27 nokuchaza ukuthi iqembu elizowina kulawa lizonyukela endaweni yesibili kwilogi yeDStv Premiership.

“Ngesiwombe sesibili siphinde saqala ngegiya eliphansi kakhulu, kanti lokhu kusikhathazile. Ngemuva kokuthi begejile, ngicabanga ukuthi bashaye ipali, lokhu kusivusile emaqandeni,” kusho uZwane.

“Abafana bazamile ukugcina ibhola saqala ukwakha amanye amathuba. Sithole igoli likaMshini (Ngcobo), besazi ukuthi ukufaka uMshini, uHappy (Mashiane) noSekgota (Kgaogelo) kuzosisiza.

“Ekugcineni uHappy bekufanele ashaye igoli siwugoqe umdlalo. UKhama naye ulitholile ithuba legoli kanjalo noKeagan (Dolly).

Uvumile uZwane ukuthi bacishe badedela igoli noma amabili ngokuqala kwesiwombe sesibili.

“Bebengaphezulu kwethu ekuqaleni kwesiwombe sesibili. Kumele ngisho ukuthi ngemizuzu yokuqala engu-15 bekumele bathole okuthile kwasho ukuthi udonga lwethu beluphapheme,” kuphetha uZwane.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *