U-Agay wenelisekile, ubona iChiefs ihlangana kahle

U-Agay wenelisekile, ubona iChiefs ihlangana kahle
U-Akumu Agay
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

U-Akumu Agay akakazibekiseli indawo eqenjini eliqala imidlalo kwiKaizer Chiefs.

Kodwa uma kwenzekile wabizwa kwathiwa akazolekelela, ufike azimisele kanti uthi ujabule ngendlela adlala ngayo. 

Uthi kuye okubalulekile wukuqinisekisa ukuthi iqembu liyaphumelela kunokuthi ngubani odlalayo noma ongadllai.

“Ngokokudlala kwami, ngingasho ngithi kuseza kahle okwamanje,” kusho lolu nkonko lwaseGhana.  

“Ngiyazikhandla futhi ngenza izinto ezidingeka kimi, izinto ezidingeka eqenjini.”

IChiefs izoya emdlalweni wayo olandelayo imisila ikhombe esibhakabhakeni njengoba ibuya kwiwini enhle kwabagcine ukuwudlala.

Amakhosi avuthulula iSuperSport United ngo 2-0 kungazelele muntu kanti u-Agay uthi babefake umfutho kulo mdlalo.

“Uma sibheka umdlalo wethu odlule, sidlale kahle kakhulu. Wonke umdlali wakwenza okufanele nokubhekwe kuye.

“Besiyidinga leya wini futhi ekugcineni sawathola amaphuzu aphelele esasiwasophile ngokuthi silandele imiyalelo yethimba labaqeqeshi.  

“Iqembu lisenza kahle, ngicabanga ukuthi siya ngokuba ngcono ngoba umdlali ngamunye wenza izinto umqeqeshi afuna azenze. 

“Akubalulekile ukuthi uyadlala noma awudlali yini… Okubalulekile wukuthi uma unikwa ithuba uwakhiphe wonke amangwevu akho ukuze usize iqembu lithole amaphuzu aphelele. 

Uma seyibhekene neStellenbosch FC eFNB Stadium ngoLwesibili, iChiefs izobe ibhekene nelinye iqembu elisemuzweni kulezi zinsuku.

Phela iStellies iyiqale kahle isizini. Buka nje ngoba yiyona ehlezi endaweni yesibili kwilogi yeDStv Premiership.

Inamaphuzu ayishumi nesithupha (16) ngemuva kwemidlalo eyisishiyagalombili.

Isilele ngamathathu kwiMamelodi Sundowns okuyiyo ezihola phambili.

“Uma ngibheka lo mdlalo weStellenbosch wangoLwesibili, enginagkusho ukuthi mina akukuningi engikwaziyo ngayo. 

FUNDA NALA: UMark Williams usenkingeni njengoba owayengumkakhe ufuna ukumdlela umuzi

“Ngicabanga ukuthi ngisadlale kanye sibhekene nabo. Kodwa lokho akusho lutho vele.

“Okubalulekile wukuthi wenzani ngosuku lomdlalo. Iqembu ngalinye linendlela yalo yokudlala.

“Nathi sinayo eyethu indlela esenza ngayo izinto nesidlala ngayo. Ngikholwa wukuthi sizonqoba.

“Sizozama ukwenza izinto ngendlela efanele, silandele imiyalelo namacebo abaqeqeshi bese sisekana.

“Lokhu kuzosisiza siwine lo mdlalo sizenzela thina, imindeni yethu, abalandeli nawo wonke umuntu osondelene neChiefs.”

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com 

Leave a Reply

Your email address will not be published.