U-Akhona useqokelwe ukuyoyishaya kwiNdebe yoMhlana impempe

U-Akhona useqokelwe ukuyoyishaya kwiNdebe yoMhlana impempe
U-Akhona "SheRef" Makalima
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Unompempe wakuleli ophambili wesifazane, u-Akhona “SheRef” Makalima useqokwe nabanye abangu-55 ukuba yibo abazodlalisa kwiNdebe yoMhlaba yasebesifazane.

Le midlalo izoba se-Australia naseNew Zealand ngo-2023. U-Akhona uqokwa nje uphakanyiswe yinhlangano eyengamele ibhola e-Afrika, iCAF.

Likhu ungenxa yokwenza kahle kwakhe emiqhudelwaneni yamazwe ngamazwe e-Afrika. Ungomunye wabangu-55 abaqokwe konompempe abangaphezu kuka-750 besifazane emhlabeni.

Nokho kuzomele aqinisekise ukuthi akalehlisi izinga lakhe kule minyaka emibili esele ngaphambi kwalo mqhudelwano ukuze angasali ngaphandle.

FUNDA NALA: U-Agnes Nkosi weSundowns Ladies uthi abasasabi luthi kweyokuhlungela iChampions League

Miningi ke imiqhudelano asekhombise kuyo ikhono lakhe okukhona kuyo iCAF Champions League, CAF Confederation Cup, African Women’s Africa Cup on Nations, junior Africa Cup of Nations.

Njengamanje ungomunye wonompempe abaphambili kuleli abasebenza emidlalweni yePremier Soccer League (PSL).

IFIFA icele kwiSAFA ukuthi iqinisekise ukuthi u-Akhona unikezwa imidlalo emikhulu ukuze enyuse izinga futhi ahalle ewulungele umsebenzi.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.