U-Akpeyi uzolapha isilonda esidala ngokuwina iChampions League

U-Akpeyi uzolapha isilonda esidala ngokuwina iChampions League
UDaniel Akpeyi
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Unozinti weKaizer Chiefs, uDaniel Akpeyi unesilonda esidala esingafuni ukuphola ngendebe yeCAF Champions League. Lo nozinti wasishweba esesibhekile lesi sicoco ngo-2009 esadlala kwiHeartland FC yangakubo eNigeria.

IHeartland yahamba yaze yafika kowamanqamu la yabhekana khona neTP Mazembe yaseDemocratic Republic of Congo. Yawina umdalo womlenze wokuqala ekhaya ngo 2-1.

Nokho yafika yehlulwa ngo 1-0 wegoli elaba ngumkhonto ogwaze ekhaya ekuhambeni. Lokhu kwenza umdlalo waphela ngo 2-2 kodwa iMazembe yaba ngompetha ngenxa yomthetho wegoli lasekuhambeni.

Sekuphele iminyaka eyishumi futhi u-Akpeyi ubekufihlile ukuphoxeka kwakhe ngalokhu. Kodwa manje usenethuba lokuzelapha njengoba esekwiChiefs esihambe yaze yafika kowamanqamu kulo mqhudelwano.

IChiefs izobhekana nezinkunzi zase-Egypt, i-Al Ahly kowamanqamu eStade Mohammed V eCasablanca, eMorocco nmgoJulayi 17. Yilo ke leli ithuba lika-Akpeyi lokugcina eyitholile indondo yokuba ngompetha bezwekazi.

“Ukuba kowamanqamu kwiCaf Champions League, nokuyiwina yiphupho elikhulu enginalo empilweni yami. ICAF Champions League yindebe enkulukazi ebholeni lase-Africa futhi wonke umdlali uyafisa ukuba kulesi simo sokuba sethubeni lokuyiwina.

“Angikwazi ukuchaza lo muzwa. Ngethemba ukuthi ekugcineni sizokwazi ukuyiwina le ndebe,” kusho lo nozinti owayenqaka nempukane emdlalweni owandulela owamanqamu.

“Sibe nohambo olunezihibe kodwa olunenjabulo kulo mqhudelwano. Elinye lamaphupho ami elidala bekuwukudlala kowamanqamu bese ngiwina.

“Ngigcina ukuba kowamanqamu kwakungu-2009 ngisekwelinye lamaqembu engangidlala kuwo kudala (iHeartland). Sahlulwa yiTP Mazembe kabuhlungu.

“Kusukela lapho bengikufisa ukuphinde ngidlale kowamanqamu. Ngizamile namaqembu amaningi kodwa besihlezi sisheshe sikhishwe ezigabeni zokuqala…

“Kodwa ngenxa yokusebenza ngokuzikhandla nokuzimisela sesiphinde safika kowamanqamu. Ngijabule kakhulu ngaleli thuba,” kuchaza u-Akpeyi.

FUNDA NALA: Unozinti we-Italy ulungise iphutha eyinqobisa kumaphenathi kwi-Euro

Ube eseveza nesifiso sakhe sokuthi babonge abalandeli beChiefs ngokubekezela kwabo yonke le minyaka iqembu libhacaza. Sekuphele amasizini ayisithupha iChiefs iqeda isizini ingaphethe lutho.

“Kumele ngibancome abalandeli ngokubekezela kwabo yonke le minyaka. Bebelokhu belindile ukuthi iqembu libabusise ngendebe kodwa kungenzeki kule minyaka embalwa edlule.

“Sesisondele ekukujikeni lokho ngokubalethela indebe enkulu kunazo zonke. Bebebekezele beyifisa. Ngikholwa wukuthi isikhathi sokuqeda leli shobolo bese siletha indebe sesifikile. Sizobasula isinyembezi, sibenze bamoyizele,” kusho lo nozinti weSuper Eagles.

EMAIL: Editor@impempe.com TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.