U-Alexander ujabule ngendlela aphinde wazethula ngayo kwiChiefs

U-Alexander ujabule ngendlela aphinde wazethula ngayo kwiChiefs
UCole Alexander noNjabulo Blom
OkaDonga Gumbi

Ngesikhathi uCole Alexander ejoyina iKaizer Chiefs ekuqaleni kwesizini, ukusayinwa kwakhe akuzange kube nesasasa elitheni.

Kungenzeka ke ukuthi lokhu kwenziwa wukuthi wasayinwa ngesikhathi esifanayo noKeagan Dolly owavele waphenduka isithandwa sabalandeli zisuka nje.  

Kodwa kuthe uma eseqala esedlala, waqala wabawina abalandeli njengoba ebedlala kahle futhi washeshe wakha ubudlelwano noPhathutshedzo Nange esiswini seqembu.  

Nokho ukulimala kube sekumphazamisa, wahlala isikhathi eside engadlali esazama ukwelulama.

Uze wabuya ngoMgqibelo la ezethule khona okwesibili kubalandeli baMakhosi ngokushaya igoli lakhe lokuqala kuleli qembu ngesikhathi bebhaxabula iChippa United ngo 3-1.

“Bese kuphele cishe amaviki angu-12 ngingadlali,” usho kanje lo mdlali ngemuva kwalo mdlalo obuseNelson Mandela Bay Stadium.

“Ngikujabulele ukuthola ithuba lokudlala, lokuphinde ngibuyele enkundleni. Ngijabulile nangokushaya igoli lami lokuqala kwiChiefs.”  

Le wini ibuyise injabulo nokuzethemba kwiChiefs njengoba sebebona bengakwazi ukuqeda endweni ehloniphekile kule sizini.

Kodwa amava ka-Alexander ayamtshela ukuthi akumele bajabule kakhulu kodwa baqhubeke nokusebenza kanzima.

Amakhosi abuyela enkundleni ngoLwesibili emdlalweni la azobhekana khona neTS Galaxy eyabaphoxa ibawashisa ijezi kwiNedbank Cup.

FUNDA NALA: IPirates idlale ngamathuba iyeka ukushaya i-Al-Ittihad 

“Kumele siwuthathe njengeminye imidlalo lo mdlalo. Impela ibona anasikhipha kwiNedbank Cup futhi lokho ngikholwa wukuthi kuzosifakela umfutho wokuziphindiselela kubo.”

Ngemuva kwalo mdlalo iChiefs izoba nekhefu ngempelasonto ezayo njengoba kuqhubeka iNedbank Cup nje. 

Iyobe seyibuyela enkundleni ngo-Ephreli 16 emdlalweni la kuyobe kuvulelwe khona abalandeli okokuqala eFNB Stadium ngemuva kweminyaka emibili. 

Kuyamjabulisa lokhu lo mdlali oveza ukuthi babemsabisa abalandeli beMpofana ngesikhathi esafika ezoba yisitha eFNB Stadium.

“Ngichazekile ngokuthi abalandeli bayabuya. Njengomdlali oke wabhekana neChiefs phambilini, abalandeli bayo bayathusana.

“Kuyangijabulisa ukuthi kulokhu bazobe beseka mina, bengangihhahhamezi bezama ukuthusa,” kuchaza yena. 

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.