U-Alexander uyavuma ukuthi ubengasethembi uyoke adlale kwiChiefs

U-Alexander uyavuma ukuthi ubengasethembi uyoke adlale kwiChiefs
UCole Alexander
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Njengoba bekuyiphupho cishe lawo wonke umdlali okhule ngeminyaka yama-90’s no-2000, uCole Alexander naye ubenesifiso sokudlalela elinye lamaqembu amakhulu aseGauteng.

Ngisho nangesikhathi esenkulisa yeHellenic ngakubo eKapa, u-Alexander wayelangazelela ukuyodlala kwiKaizer Chiefs athi ukhule engumlandeli wayo.

Licishe langafezeka leli phupho njengoba lo mdlali wasesiswini eseminyaka engale kuka-30 nokuyinto eyenza amaqembu abe manqika ukumsayina umdlali.

Yingakho u-Alexander ezibona enenhlanhla ukuthi asayine kwiChiefs eseneminyaka engu-32. “Yithuba elikhulu leli kimi… yinto enkulu kimi nomndeni wami,” usho kanje lo mdlali.

“Kule minyaka engukuyo njengoba nginga-32 nje, amaphupho asafezeka. Ngilijabulele kakhulu leli thuba,” kuqhuba yena.

Ngenxa yeminyaka yakhe nokuthi sekunesikhathi esebenza noStuart Baxter, kulindeleke ukuthi u-Alexander asheshe angene eqenjini eliqala imidlalo.

“Ngiyazama ukuthi ngingakunaki kakhulu okubhalwa abazendaba. Kodwa kuningi khona ukukhuluma okukhona.

“Engingakusho mina wukwethembisa wonke umdlali nomlandeli weChiefs ukuthi ngingumdlali ohlezi ezikhandla futhi owakhipha wonke amangwevu.

U-Alexander ubesebenza noBaxter kwi-Odisha e-India ngaphambi kokuthi lo mqeqeshi axoshwe nganxa yokukhuluma kwakhe budlabha ngekudlwengula.

Uthi kuhle ukuphinde ahlangane nalo mqeqeshi.

FUNDA NALA: ISundowns isola iPSL ngokuyibambezela ngenkanyezi yokudla iligi okweshumi

“Ngicabanga ukuthi ezosiza leli qembu kakhulu wukuthi uStuart Baxter ungumqeqeshi onobuholi obuqotho.

“Wonke umdlali oseke wasebenzisana naye phambilini uyakwazi lokhu, ungumholi oqotho futhi unamaqhinga aphusile.

“Uma thina singahlangana njengeqembu silandele imiyalelo yakhe namaqhinga akhe, singazuza okuningi.

“Imiphumela aseyitholile phambilini ngesikhathi elapha kwiChiefs iyamkhulumela.

“Ngilapha ngenxa yalokho nami – ukuzodlala ngale ndlela afuna ngayo. Ngithemba nokuthi ngzokwazi ukuba ngumholi oyisibonelo esihle kozakwethu.”

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.