U-Amartey uthi uDe Reuck wamdonsa ngengalo, wamwisa

U-Amartey uthi uDe Reuck wamdonsa ngengalo, wamwisa
UDaniel Amartey
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: GTV Sports

Umdlali weGhana okunguyena owise okwesaka lempuphu bebhekene neBafana Bafana uDaniel Amartey usechazile ukuthi yini eyamwisa.

Lo mdlali wavele wawisa okomuntu obanjwe amangongwane kungazelele muntu emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngeSonto.

Le phenathi yabe seyishaywa ngukaputeni u-Andre Ayew yakhala enethini kwaba yilona goli ewina ngalo iGhana.

Ngemuva kuka-Amartey kwakukhona uRushine De Reuck okubukeka engazange amthinte lo mdlali waseGhana.

U-Amartey, oneminyaka engu-26, usephumele obala ngokuthi kwenzekani ngomzuzu ka-33 ngesikhathi ewa ebhokisini.

“Ngemuva komdlalo ngimbuzile u-Amartey mayelana nephenathi, wangitshela ukuthi wadonswa,” kusho owayedlalela iGhana u-Awudu Issaka kwabe-Angel TV.

Lokhu okushiwo u-Issaka kuvezwe yintatheli yaseGhana uSaddick Adams kwiTwitter.

“Uthe isitobha saseNingizimu Afrika sasimbambe ngqi ngemuva simdonsa kodwa samdedela ngokushesha ngesikhathi esewa.

“Ikhamera ayizange ikwazi ukuveza lokhu.” ISafa seyiqinsekisile ukuthi izofaka isikhalazo ngalolu daba ngoba ibona ukuthi iqembu lesizwe iBafana lirojiwe.

Izoba nesithangami nabezindaba eGoli ngoLwesithathu ekuseni mayelana nalolu daba.

FUNDA NALA: U-Ace uthi kumele ibe nobufakazi obuqinile iSafa ukuze uphindwe umdlalo

Mhlawumbe umbuzo omkhulu nosezindebeni zabalandeli bebhola baseNingizimu Afrika owokuthi, yini u-Amartey awela phambili uma kungukuthi wayedonswa uDe Reuck owayengemuva kwakhe?

Akwaziwa noma izikhulu zeSafa zizovuma yini ukuthi akhulume uDe Reuck ukuze achaze le ndaba ngokohlangothi lwakhe.

Lo mdlali weMamelodi Sundowns uphume esekhala enkundleni ngemuva kokuthi unompempe eshaye indweba
yokuqeda umdlalo ophele ngo 1-0.

Phela lokhu bekusho ukuthi kuphelile ngephupho lokuya eQatar ngonyaka ozayo kwiBafana Bafana.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.