UGumede ucela bababekezelele kancane abalandeli boSuthu

Sihle Ndlovu

UMbongeni Gumede waMaZulu FC ubona izinto zizohlangana ngendlela abafuna ngayo eqenjini emidlalweni embalwa ezayo.

Usuthu ludlale ibhola elihle lubhekene neMaritzburg United emdlalweni weDStv Premiership ngempelasonto eThekwini. Nokho ukudlala kahle kwalo akusizanga ukuthi luthole amaphuzu amathathu njengoba umdlalo ugcine uphele ngo 0-0.

UGumede ucabanga ukuthi badlala kahle kodwa okusele manje ukuthi bashaye amagoli ukuze baphume namaphuzu amathathu emidlalweni yeligi.

“Ngicabanga ukuthi kulo mgqigqo esinawo kubalulekile ukuthi sigxilise imiqondo kwesikwenzayo ukuze sikwazi ukuthi sithole amaphuzu. Sidlala kahle impela kodwa sekushoda ukuthi sithole amaphuzu aphelele,” kusho uGumede.

“Uma singabuyela emdlalweni weMaritzburg, siwatholile amathuba kodwa nje sekushoda ukuthi siwaqedele ukuze sikwazi ukuthola amagoli, sithole namaphuzu amathathu.”

Ebuzwa u-Amigo ukuthi kubakhinyabeza kangakanani ukungabi khona kwabalandeli ezinkundleni, uveze ukuthi kunawo umthelela omncane ongemuhle.

“Into engingayisho kubalandeli bethu ukuthi siyabakhumbula kakhulu enkundleni, ngoba badlala indima enkulu ukuthi uma singenzi kahle enkundleni bayaseseka ukuze sikwazi ukubhukula.

“Sicela basibekezelele ngoba kushintshe kakhulu kuSuthu kodwa ngezinga lendlela esidlala ngayo siyabonisa ukuthi sizimisele. Sonke sihlangene, singabadlali nethimba labaqeqeshi. Bengicela nje basibekezelele amaphuzu azoza,” kucela uGumede.

Usuthu luzobhekana neSuperSport United emdlalweni weDStv Premiership, eLucas Moripe Stadium, ePitoli, ngoLwesithathu ngo-5 ntambama.

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.