U-Anas uchiphize izinyembezi ngezinsolo ‘zesiqalekiso sezembe’

U-Anas uchiphize izinyembezi ngezinsolo 'zesiqalekiso sezembe'
UMohammed Anas
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter 

Ukhala ngokuthi kuseyilo ishwa ukuthi asolwe ngokufaka amaqembu ehlathini uMohammed Anas.

U-Anas udedelwe yiTS Galaxy kusaphele izinyangana nje imsayinile kanti Impempe ibe seyithola ukuthi yingoba esolwa ngokuba nebhadi.

Kuthiwa ozakwabo bakhale ngokuthi amaqembu asuka kuwo wonke adliwe yizembe kanti bayasola nabo uzobafaka kulolo daka.

Kodwa lo mdlali waseGhana uchiphize izinyembezi ephika lezi zinsolo ethi uyasukelwa.

“Bengingakulindele ukudedelwa ngale ndlela,” kusho lo mdlali ekhuluma nabeSowetan.

“Lokhu kulandele ukuba kuqubuke amahlebezi okuthi mina ngiqalekisiwe futhi sengifake amaqembu amathathu ehlathini.

“Akuzange kungiphathe kahle ngiqala ukukuzwa kodwa ngebhadi iqembu livele laqhamuka selithi linabagadli abenele.

“Bathi umqeqeshi omusha (uSead Ramovic) ufuna ukwehlisa isibalo sabagadli ngakho kumele bangidedele mina.

“Ngaphambi kwalokho ngezwa ngomunye wozakwethu engibuza ukuthi bese ngizwile yini ukuthi kukhulunywa ngami.

“Ngambuza ukuthi kuthiwani ngami wathi ‘bathi wena ufake amaqembu amathathu ehlathini futhi unesiqalekiso sezembe’.

FUNDA NALA: UMakgopa uthi ubengakaze aziphuphe edlala ibhola

“Kwangiphatha kabi lokho ngobalamaqembu abathi ngawafaka ehlathini bengingadlali nanjalo kuwo.

“Bengingalitholi ijezi kulawo maqembu. Ngesikhathi iFree State Stars idliwa yizembe ngangingasekho kuyo, ngase ngikwiPolokwane City mina.

“Ngesizini yami yokuqala kwiPolokwane City ngayisiza yaba semaqenjini aphezulu kwilogi ngaba ngahamba phambili ngokushaya amagoli.

“Manje ukusho kanjani ke ukuthi nginesiqalekiso sezembe uma ngingadlali kwakudlala?

“Iyangkhuba emoyeni lento. Bengisanda kufika kwiTS Galaxy futhi bengingakanikwa nethuba elanele lokudlala yize bengizikhandla.

“Kodwa ke ngizoba yindoda ngiqine ngikwamukele lokhu,” kusho u-Anas.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.