U-Anas uzibona eya kude ngamaqhinga awanikwa uBartlett kwiTS Galaxy

U-Anas uzibona eya kude ngamaqhinga amanikwa uBartlett kwiTS Galaxy
UMohammed Anas
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Uzibona ezozuza lukhulu kwiphini lomqeqeshi eqenjini lakhe elisha uMohammed Anas osanda kujoyina iTS Galaxy. Iphini lo mqeqeshi kuleli qembu uShaun Bartelett owayengayibheki inethi ngezikhathi zakhe.

Yingakho u-Anas ezibona ezozuza kakhulu futhi naye ezoyishaya sengathi ushunqiselwe ngayo inethi kule sizini. Uthi uzoncela lonke ulwazi kuloBartlett.

“Ngikhule ngimbuka uBartlett ngesikhathi esadlala,” kusho le nsizwa yaseGhana eneminyaka engu-26. U-Anas ujoyine  iGalaxy esuka kwiBlack Leopards ekupheleni kwesizini edlule.

“Wayengumgadli oyingozi futhi njengoba sengiseduze naye nje, ehlangene nomqeqeshi u-Owen Da Gama, ngicabanga ukuthi bazongikhulisa ngezindlela eziningi ekubeni ngumgadli.

“Ngiyakhulum anaye kusukela ngifikile lapha eqenjini. Ngifuna angisize kwazise wayengomunye wabagadli abaphambili e-Afrika.

“Ngifuna angisize nami, angiluleke yingakho ngihlezi ngikhululma naye ngoba ngifuna ukuba ngcono. Into angitshele yona ukuthi kumele ngingacucuzi uma ngisebhokisini.

“Uthe kumele ngikwazi ukungena ezikhaleni ngokushesha bese ngikhahlela into eqondile. Uma ngingenza lokho, yonke into izovele iqonde.

“Ngijabule kakhulu ngokuba noShaun njengomuntu ongilulekayo, ongisizayo futhi akekho owake wangitshela lezi zinto angitshela zona kusukela ngafika ebholeni.”

Cishe kuningi okunye akufihlayo amcebise ngakho uBartlett lo mgadli njengoba esezithemba nokuthi angadla ngisho indondo yokushaya amagoli amaningi ngesizini ezayo.

FUNDA NALA: UTau usezinhlelweni kwiBrighton, angase angayi kwi-Al Ahly

“Kusukela ngafika eNingizimu Afrika, ngilokhu nginesifiso sokuba ngumgadli oshaye amagoli amaningi kwiPSL ngoba ngiyaye ngibone umuntu oshaye amagoli angu-12 kunguye ophambili.

“Mina ngingawashaya amagoli angaphezulu kwangu-12. Futhi uShaun uzongisiza ngikwenze lokho.

“Ngijabule ngokuba lapha kwiTS Galaxy, bengibabuka bedlala ngesikhathi besesigabeni esiphansi ngasithanda isitayela sabo. Ngakho ukuba lapha ngizibona sizongifanela lesi sitayela sabo.”

EMAIL: Editor@impempe.com TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.