U-Arteta ufuna ukubuyisa uwenger kwi-Arsenal

U-Arteta ufuna ukubuyisa uwenger kwi-Arsenal
UMikel Arteta
UDABA: Mhlengi Cele 
ISITHOMBE: Twitter 

UMikel Arteta utshele u-Arsene Wenger ukuthi akabuye kwi-Arsenal, emncenga ngokuthi amaGunners angajabula kakhulu ukuphinde ambone aseduze neqembu.

UWenger waqokwa njengomqeqeshi we-Arsenal ngo1996, wanqobela amaGunners izicoco zePremier League ezintathu, izindebe zeFA Cup eziyisikhombisa.

Ushiye kuleli qembu laseNorth London ngo-2018 ngemuva kweminyaka engaphezu kuka-20.

Lo makadebona waseFrance kulezi zinsuku usebenza njengeChief of Global Football Development kwiFIFA.

U-Arteta wadlala ngaphansi kukaWenger iminyaka emihlanu ngaphambi kokuthatha umhlalaphansi ngo-2016, wayojoyina ithimba labaqeqeshi kwiManchester City.

NgoDisemba ka-2019 u-Arteta wathatha izintambo zokuba yinhloko yabaqeqeshi kwi-Arsenal eyayibhedelwa izinto ngaphansi kobuholi buka-Unai Emery.

Ngemuva kokuhlangana noWenger oseneminyaka engu-72 ngesikhathi kuyothulwa ngokusemthethweni ifilimu i-‘Arsene Wenger: Invincible‘, u-Arteta uthi umtshelile ukuthi angakujabulela ukubuya kwakhe eqenjini.

“Kade sixoxa naye, asikaze singakhulumi. Ngambona, ngaya kuye ngesikhathi sibuka ifilimi yakhe.

“Ngamtshela ukuthi ngingathokoza uma ngingasebenza naye eqenjini, ngagcizelela ukuthi konke lokho kufanele kwenzeke ngokushesha ngoba simdinga manje,” kusho u-Arteta.

FUNDA NALA: UMbambo udle umjaho eqala ukugijima

“Kungaba kuhle kakhulu ukubuyela kwakhe lapha ngoba uyahlonishwa lapha, wonke umuntu uyamthanda.

“Akaconsi phansi nakubalandeli. Wonke umuntu lapha uyamvuma ngenxa yezinto azenzele i-Arsenal, kubuya ithemba kunoma ubani uma eqhamuka lapha.”

Zimcindezela izintatheli zizama ukumbuza ukuthi uzosebenza muphi ke manje umsebenzi uWenger kwi-Arsenal, u-Arteta akaphumelanga obala.

“Ngeke ngisho okwamanje. Engingakusho nje ukuthi ngimfuna eduze kweqembu, ngimfuna eduze kwami ngoba ngiyazi ukuthi angangisiza kakhulu.”

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.