U-Arthur Zwane uchaza eyokupakiswa kukaSithebe kwiChiefs

U-Arthur Zwane uchaza eyokupakiswa kukaSithebe kwiChiefs
USiyethemba Sithebe weKaizer Chiefs

 

U-Arthur Zwane useveze isizathu esenze wathi ukumphumuza kancane uSiyethemba Sithebe obeyiqale kahle isizini kuleli qembu lakhe elisha.

Nokho emidlalweni emibili edlule lo mdlali osayinwe esuka kuMaZulu FC ekupheleni kwesizini edlule ubesebhentshini futh wagcina engadlalanga.

Endaweni yakhe uZwane usebenzisa uNjabulo Blom odlala kahle njengoba ekwazi ukusala ngemuva adedele uYusuf Maart ayohlasela.

“Uhlaka lokudlala akujikile, sishintshe nje abadlali. Vele ke kukhona abadlali abasheshe bawabambe amacebo ethu, bese abanye badinge isikhashana esengeziwe.

“Njengamanje abadlali basesiwini bayawabamba futhi basebenzisana kahle kakhulu,” kusho uZwane uma ebuzwa ngalolu ququko.

“Emidlalweni embalwa yokuqala uSithebe ubesenzela umsebenzi omuhle kakhulu. Kodw angeshwa kukhona imidlalo la abephelelwa khona umfutho.

“Kodwa nakho lokho bekulindelekile kwazise ubesenesikhathi ehelli engadlali. Yingakho sizama ukumonga kahle.

“Siyakholelwa kuye futhi sinesiqiniseko sokuthi uzobuya ngamandla kakhulu,” kusho uZwane. USithebe ubengadlali kuMaZulu izinyanga eziyisithupha.

Khonamanjalo, uZwane akakholwa wukuthi iChiefs seyiyilento afuna ibe yiyo futhi usapheka yena yize imiphumela seyiqalile ukubonakala.  

FUNDA NALA: IPirates izoyikha ngamasholo imali ngo-Ofori

Nokho kuyamjabulisa ukuthi ukhona umehluko osubonakala kulandela ukuwina kwabo imidlalo emithathu kulandelana kwiDStv Premiership. 

Amakhosi azobe ebheke ukuwina umdlalo wesine kulandelana uma esebhekene neChippa United eMoses Mabhida Stadium eThekwini ngoMgqibelo ntambama.  

“Kusekude phambili,” kusho u-Arthur Zwane. “Kusasele imidlalo engu-20 okumele siyidlale (kwiligi) futhi okwamanje sisakha, sizama ukuhlanganisa kahle. 

“Kuyathembisa ke nokho ngoba siyawakha amathuba okushaya amagoli futhi siyabona lapho siya khona kancane kancane.  

Sbongs Gumbi

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *