U-Arthur Zwane uyikhomba kwelakhe eyokuqansa kwebheke kowamanqamu

U-Arthur Zwane uyikhomba kwelakhe eyokuqansa kwebheke kowamanqamu
Ayikho evume ukugoba uphondo

 

Ukhale ngokuyeka amathuba alula u-Arthur Zwane kulandela ukuthi iKaizer Chiefs ibambane ngo 1-1 naMaZulu FC ngeSonto ntambama.

Lo mdlalo womlenze wokuqala kweyandulela owamanqamu kwiMTN8 obuseFNB Stadium uphele sekunezigemegeme ezingadingeki ebholeni elikhokhelayo.

Kwenzeke nento engajwayelekile unompempe ekhipha ikhadi elibomvu umdlalo sewuphelile kulandela isiphithiphithi sokuxabana kwabadlali.

U-Arthur Zwane usole iqembu lakhe ngokuthi liziqansisele lona indlela ebheke kowamanqamu kulo mqhudelwano.

“Uma ungawasebenzisi amathuba ugcina sewulandela ngemuva bese wenza namaphutha angakwenza ungenelwe ithuba lesibili,” kusho uZwane.

“Kodwa okuhle wukuthi luyabonakala uhlaka lwethu esidlala ngalo. Ngibatshelile ukuthi asibacindezele sibenze benze amaphutha esiwombeni sesibili.

“Ngeke ngibasole abadlali ngoba bazamile. EThekwini kuzomele singangenelwa yigoli ukuze sidlulele phambili.

“Sibe neshwa nje lokuthi singawasebenzisi amathuba ethu namuhla,” kuchaza uZwane ngemuva komdlalo.

Usuthu luzame igoli zisuka nje. U-Itumeleng Khune uvimbe amabhola amabili amabi AmaZulu ngomzuzu wokuqala umdlalo uqalile.

Kucacile ukusuka lapho ukuthi Usuthu aluzele ukuzovakasha eGoli kodwa lifuna iwini ezolehlisela umsebenzi emlenzeni wesibili. 

Luwatholile namanye amathuba kodwa ladlala ngawo. Nokho ngomuzu ka-13 uGabadinho Mhango uwenzile umonakalo eshaya igoli lokuqala.

Kodwa kube wukuhamba phambili ezikaBrandon Truter zalehlisa izinga nesivinini sokuhlasela. Lokhu kuvulele iChiefs ithuba lokunyuka nayo.

Futhi bekumele kuyiwe ekhefini Amakhosi esehamba phambili ngo 2-1 okungenani ngenxa yamathuba amahle ewatholile.

ELokuqala liwele u-Ashely Du Preez. Lo mgadli uzithole ebhekene noVeli Mothwa, wadedela ishodi walivimba lo nozinti.

Nokho ibhola limenzele umusa lawela phambi kwakhe futhi uDu Preez. Ngaleso sikhathi uMothwa ubesalele phansi lo mgadli esebhekene nenethi kuphela.

Kodwa uvele wenza inqaba nje, walibhamuza laphuma phezu kwamapali ibhola. NoCaleb Bimenyimana wenze okufanayo sekubalwa amanenjana kuyiwe ekhefini.

Uthole ibhola kade kuyikhona, wavele wazama ukulishaya ngedolo lavele laphuma phezu kwepali. Isiwombe sesibili siqale sekuyiChiefs ehlasela kakhulu. 

Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi u-Arthur Zwane edonse uSiyethemba Sithebe, wafaka uKeagan Dolly endaweni yakhe.

UBimenyimana uphinde wahlulwa elinye ithuba elihle ngomzuzu ka-51 ngesikhathi ethola ibhola ebeligotshwe uKgaogelo Sekgota eyedwa ebhokisini.

Uphinde watatazela, washaya into ephume le kude nepali, lwasinda kanjalo ke Usuthu. Kuthe kusaphele imizuzu emibili ukusuka lapho, uVeluyeke Zulu wakhetha ukuyeka kulo mdlalo.

FUNDA NALA: IVIDIYO: liboshiwe iphoyisa ebelidansa e-Orlando

UZulu uvele wadlalisa kabi umdlali weChiefs kungenasidingo ezicelela ikhadi eliphuzi okube ngelesibili kwasho ukuthi kumele ashaye isishwaphana sakhe aphume.

Ngomzuzu ka-60 uDolly ulitholile elokulinganisa eqedela umnyakazo omuhle weChiefs. Avelile namanye amathuba kodwa kwala yona inhlanhla.

Umdlalo ube neziqubu ezimangazayo ngasekupheleni kwawo njengoba uMhango noSiyabonga Nomvete bekhishwe ngamakhadi abomvu sebesebhentshini.

– Sbongs Gumbi

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *