U-Ashworth usehlose ukwelamanisa iComrades ngemijaho emikhulu

U-Ashworth usehlose ukwelamanisa iComrades ngemijaho emikhulu
U-Ann Ashworth
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

U-Ann Ashworth usevule isifuba watshela Impempe ngezifiso zakhe kwezokusubatha ukwengeza kwiComrades Marathon ayiwine ngo-2018.

Le ntokazi ezikhulumela isiZulu esome nkwe ithi njengamanje iZulu-Natal la yena nabanye abasubathi abazilolongela khona.

“Kodwa njengamanje awukho umjaho engizowugijima, sengibheke ukuqala kahle ngonyaka ozayo,” kusho u-Ashworth.

Uthe uzosiza ukulekelela abanye abasubathi abangaphansi kwakhe afudukele nabo kwiPhantane Athletics Club kaMdu “Mashanyela” Khumalo.

“Into esengiyibheke kakhulu njengamanje wukulungiselal iCape Town Marathon ngoba sifuna ukufika kuyona silungele ukuyinqoba,” kubeka yena.

Uphinde waveza ukuthi usalangazelele ukuphinde ayinqobe iComrades bese eyetshisa ngeTwo Oceans.

“Miningi imijaho engisahalela ukuyiwina. Ngifuna ukugijima futhi nginqobe kwiLondon Marathon, Berlin Marathon neNew York Marathon ngoba kuba nokuncintisana okusezingeni eliphezulu kakhulu kule mijaho.

“Njengoba sengingaphansi kwePhantane Athletics Club ngithokozile ngothando, inhlonipho nobuntu engemukelwe ngakho nguMdu Khumalo.

“Sifuna ukuthuthukisa abasubathi besibhuda kuwo wonke amakhona alezi zifundazwe ezimbili (KZN neGauteng) esibasabalele kuzona,” kuphetha u-Ashworth.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.