U-Aubaas ibhoza ezohola iGalaxy iphume ezembeni

U-Aubaas ibhoza ezohola iGalaxy iphume ezembeni
UBathusi Aubass
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter 

Umdlali weTS Galaxy, uBathusi Aubaas uthi kuyabagqugquzela kakhulu ukuwina kwabo umdlalo wesibili weDStv Premiership selokhu kuqale isizini.

IRockets ishaye iSwallows FC ngo 1-0 eMbombela Stadium ngeSonto, nokwenze isuke emsileni inyukele endaweni ka-14.

U-Aubaas udlale kahle kakhulu kulo mdlalo waze waqokwa njengomdlali wosuku.

“Iwini yanamuhla iyasigqugquzela kakhulu futhi isinika ukuzethemba ukuthi siqhubeke nokuwina imidlalo elandelayo.

“Sizoqhubeka sisebenze ngokuzikhandla njengeqembu,” kusho u-Aubaas.

Lo mdlali umnandi kakhulu uma eshoshela eya phambili, okuyinto eyenza ukuthi kuvuleke izikhala kozakwabo.

Igoli ewine ngalo iGalaxy lishaywe uSiphiwe Mahlangu kusaphele imizuzu eyisikhombisa kuphela kuqale umdlalo.

Yomibili imidlalo eyiwinile iGalaxy iyiwinele eMbombela Stadium kanti iphinde yadlala omunye ngokulingana.

“Ngicabanga ukuthi njengoba eshilo umqeqeshi, izimbangi zethu uma zifika lapha kumele zazi ukuthi yinkundla yethu lena.

“Akumele sibanike inhlonipho kodwa yibona okumele bezwe ukuthi basekuhambeni,” kusho u-Aubaas.

“Thina nje okubalulekile okumele sikwenze ukuthi siphonse yonke into esingalwa ngayo enkundleni, singancengi muntu.”

Lo mdlali ukwazi ukudlala izindawo eziningi enkundleni okungangabazeki ukuthi kuyamchaza umqeqeshi uSead Ramovic.

FUNDA NALA: ISwallows ithi beyihlose isicoco njengoba ibangwa nezibi nje

“Njengomdlali akubalulekile ukuthi umqeqeshi ukufaka kuyiphi indawo.

“Kukuwena ukuthi ukuthatha kanjani lokho kulowo mdlalo.

“Bonke abadlali kumele bakwazi ukubuka isimo somdlalo bese bazifake kuwona.

“Ngithanda ukunxusa abalandeli ukuthi baqhubeke nokuseseka, bangadikibali.

“Singabadlali sizoqhubeka nokusebenzela iqembu ngokuzimisela, sizame ukuqoqa amaphuzu asuke ephambi kwethu,” kuphetha u-Aubaas.

Emdlalweni olandelayo iRockets izovakashelwa yiCape Town City khona eMbombela Stadium.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.