U-Austine Dube kungenzeka ancishwe ijezi ngemuva kokudlisela kwiChiefs

U-Austin Dube kungenzeka ancishwe ijezi ngemuva kokudlisela kwiChiefs
U-Austin Dube
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

U-Austin Dube akabanga nomdlalo omuhle ngesikhathi edlala okokuqala kwiKaizer Chiefs njengoba amaphutha akhe kuyiwo ayiqhathe nenduku yeMamelodi Sundowns.  

ISundowns yayivuthulula ngo 2-0 ovuthayo iChiefs kanti indlela ayevala ngayo izikhala uDube yayingagculisi.

Egolini lokuqala, uDube akakwazanga ukufika ebholeni, walifica kuqala uGrant Kekana qede walingqofela enethini.

Kwelesibili wakhohlwa ukugada uPeter SHalulile owaqhamuka ngemuva kwakhe eselinamathisela kalula enthini engamakwe muntu.

Umqeqeshi weChiefs, uStuart Baxter uthe basazocabanga ukuthi bazomdlalisa yini uDube uma sebebhekene neRoyal AM ngoMgqibelo ntambama.

“Ngikhulumile no-Austin kaningi. Mningi umsebenzi esesiwenzile naye kusukela siphume kulowa mdlalo weSundowns.

“Ubengaphathekile kahle ngoba ubengafisa ukuthi adlale kahle njengoba ebedlala okokuqala nje kodwa lokho yinto eyengeza kumafilimu kuphela, hhayi empilweni yangempela

“Into esizibuza yona manje wukuthi ngabe siyamkhulula, simethule umthwalo ngokuthi simnike ikhefu?

“Noma simnika elinye ithuba? Yilokho esisazokudingida kulesi zinsuku ezimbalwa ezizayo,” kusho uBaxter ngoLwesine.

“Akuyena yedwa obenza amaphutha. Ukube asizange siyiphe iSundowns lamathuba ama-free kick ngabe akabanga kulesi simo azithola ekuso.

“Kunakeke awakhe amaphutha ngoba wayedlala okokuqala.” UBaxter ujabule nangokubuya kukaLebogang Manyama.

FUNDA NALA: Uzama izindlela zokubuya kuleli u-Eymael ocwasayo

“Ukubuya kukaLebo hyinto enhle kakhulu. Akakabisezingeni elifane;le lokuba fithi kusazomele asebenze kanzima.

“Kodwa sekusondele ukuthi alunge kahle. Sizomnika isikhathi sokuthi azilungiselele kahle futhi sinethemba lokuthi sizobe sesikwazi ukumsebenzisa ngokugcwele maduze.”

UManyaa ma wangena ngasekupheleni komdlalo bebhekene neSundowns futhi nguye owageja iphenathi eyayibekelwe iChiefs.

IChiefs izobhekana neRoyal AM eFNB Stadium emdlalweni weDStv Premiership ngoMgqibelo ngo-5 ntambama.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.