U-Ayew uthi bekumele bathole namanye amaphenathi

U-Ayew uthi bekumele bathole namanye amaphenathi
U-Andre Ayew
UDABA: OkaDOnga Gumbi 
ISITHOMBE: Twitter 

Ukaputeni weGhana u-Andre Ayew uthi yibo ababanjwe inkunzi kulo mdlalo wangeSonto ngoba kunamaphenathi abangawabekelwanga.

IGhana iwine ngegoli elishaywe ngu-Ayew ovalele phakathi iphenathi esuse umsindo emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba.

Kumanje indaba yale phenathi ayiphelile njengoba iSafa seyifake isimangalo kwiCAF neFIFA ifuna kuphenywe ngonompempe abebephethe lo mdlalo.

Kodwa u-Ayew uthi kuwumbhedo nje ukuthi benzelelwe ngunompempe ukuthi bawine kulo mdlalo futhi ubacindezelile.

“Impela siwine kahle nje. Ngicabanga ukuthi sibe namathuba amaningi amahle,” kusho u-Ayew.

FUNDA NALA: UBroos ukhalile ngonompempe kodwa hhayi ngephenathi

“Bekuwumdalo onzima, iNingizimu Afrika ifike yawenza umsebenzi wayo kodwa khona siwine kahle nje akubanga nakwenzelela.

“Besingawashaya amanye amagoli. Ngicabanga ukuthi iphenathi bekuyiyo futhi icacile nje.

“Empeleni ngicabanga ukuthi unompempe bekumele asibekele amanye amaphenathi amabili. Kodwa ke linjalo ibhola.

“Sijabule ngokuthi siwinile futhi sidlulele phambili emzuliswaneni olandelayo la sihlalelwe khona wumsebenzi omkhulu ngoMashi.”

Leave a Reply

Your email address will not be published.