U-Ayew uxwayisa iBafana ngembibizane eGhana

U-Ayew uxwayisa iBafana ngembibizane eGhana
U-Andre Ayew
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter 

Ukaputeni weGhana u-Andre Ayew usexwayise iNingizimu Afrika ngobunzima ezobhekana nabo emdlalweni obalulekile wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngeSonto ebusuku.

IBlack Stars izokwamukela iBafana Bafana emdlalweni okulindeleke ukuthi ushube eCape Coast Stadium, eGhana.

U-Ayew uphinde wanxusa abalandeli ukuthi batheleke ngobuningi babo enkundleni ukuzokweseka iqembu ukuze ligcine liyile kwiNdebe yoMhlaba eQatar ngonyaka ozayo.

U-Ayew ugcizelele ukuthi iBafana izokubona okwabonwa nguSawule ngoba bona abashaywa kalula uma bedlalela ekhaya.

“Angisakhumbuli nokuthi kwakuyinini sishaywa emdlalweni lapho sasidlalela khona ekhaya.

“Nginxusa abalandeli ukuthi baseseke (ngeSonto). Siyadinga ukwesekwa yibona,” kusho u-Ayew.

Lo mdlali ubekhuluma esithangamini nabezindaba ngoMgqibelo.

IGhana idlale ngokulingana ngo 1-1 ne-Ethiopia e-Orlando Stadium, eSoweto, ngoLwesine.

U-Ayew uyena oshaye igoli kulo mdlalo. Njengamanje iGhana inamaphuzu ayishumi endaweni yesibili, kanti iBafana
iseqhulwini ngamaphuzu angu-13.

Uma umdlalo uphela ngo 0-0 kuzosho ukuthi sekuphelile ngemizamo yeGhana yokuya eQatar.

Uma iGhana iwina ngo 1-0 umehluko wamagoli uzokuba ngu-+4 kuyona nakwiBafana. Ngenxa yokuthi iGhana izobe isinamagoli amaningi kuzobe sekudlulela yona phambili.

Njengamanje womabili amaqembu anamagoli ayisithupha kanti iNingizimu Afrika isangenelwe yigoli elilodwa okwenza ukuthi umehluko wayo wamagoli ube ngcono kunoweGhana.

FUNDA NALA: UKomphela nomlayezo obalulekile ngoDe Klerk

Nokho okubalulekile okumele kwenziwe ezikaHugo Broos ukuthi zingalinge zivumele ukushaywa kulo mdlalo.

UBroos uveze ukuthi yize bedinga ukudlala ngokulingana kulo mdlalo ukuze badlulele phambili kodwa ngeke alinge nje athi abadlali abavale emuva bangahlaseli.

Emdlalweni wokuqala odlalelwe eNingizimu Afrika, iBafana yaqumba phansi iGhana ngo 1-0.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.