U-Ekstein ukhala ngamagoli agqozile oSuthwini

U-Ekstein ukhala ngamagoli agqozile oSuthwini
UHendrik Ekstein
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

UHendrick Ekstein waMaZulu FC uthi kumele bazame ukusebenzisa amathuba abawakhayo, bashaye amagoli ukuze bajike isimo eqenjini.

Usuthu luzobhekana neMaritzburg United emdlalweni wabakhaya weDStv Premieship eHarry Gwala Stadium eMgungundlovu ngeSonto ngo-5.30 ntambama.

“Sidlala ibhola elihle kakhulu futhi kumele ngabe siwashaya kalula amagoli.

“Siyawakha amathuba kodwa amagoli asiwashayi,” kusho u-Ekstein owake wadlalela iKaizer Chiefs.

“Lena akuyona inkinga yabagadli kuphela kodwa ibhekene neqembu lonke.

“Kusukela kubadlali basemuva, abasesiswini nabagadli kumele sikwazi ukushaya amagoli ngoba sidlala ibhola elihle.

“Nokho ibhola elihle kodwa elingenamagoli alisizi ngalutho.”

Lo mdlali wasesiswini uthe ngeke kube lula nakancane ukubhekana neTeam of Choice emdlalweni wabakhaya waKwaZulu-Natal.

FUNDA NALA: UMaema ugcine isethembiso esiza iSundowns ishaya iSekhukhune

“Ngeke kube umdlalo olula njengoba sazi ukuthi imidlalo yabakhaya inzima.

“Sidlala neMaritzbugr eshaywe yiKaizer Chiefs ngakho ngeke kube lula kuzoba nzima kakhulu.

“Nokho ngingakuqinisekisa ukuthi siwulungele umdlalo,” kusho u-Ekstein.

Usuthu lugcine lubambane neKaizer Chiefs ngo 1-1 emdlalweni wePremiership ngoLwesithathu.

Kulo mdlalo ezikaBenni McCarthy zishaye amagoli amabili, kanti elinye kube wumkhonto ogwaze ekhaya kaKeagan Buchanan.

AmaZulu agcine ukuwina ngesikhathi eshaya iCape Town City ngo 2-0.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.