U-Ekstein usahalela ukubuyela kwiChiefs, kodwa naMaZulu ayamshela

U-Ekstein usahalela ukubuyela kwiChiefs, kodwa naMaZulu ayamshela nawo
UHendrick Ekstein
UDABA: Njabulo Shezi
ISITHOMBE: Facebook

UHendrick “Pule” Ekstein owayeyibamba maphakathi nenkundla kwiKaizer Chiefs uthi angalibamba ngezandla zombili ithuba lokuphinde ayogijima kwezasePhefeni. U-Ekstein ukuleli ngemuva kokuphela kwenkontileka yakhe kwiSabail FK egijima ku-Azerbaijan Premier League.

U-Ekstein ukhuliswe yinkulisa yeChiefs kwaze kwaba ukhushulelwa eqenjini elikhulu ngo-2014. Ngaleso sikhathi wayeneminyaka engu-23 ubudala.

Ngo-2019 u-Ekstein walaxaza iChiefs ngoba ingafuni ukumkhuphulela iholo kanti vele inkontileka yakhe yayisemaphethelweni.

Ngomhla ka-28 kuJuni 2019, wasayina iminyaka emibili neSabah FC wadlala imidlalo engu-13 kuleli qembu washaya amagoli amathathu. Kwathi kuwo lowo nyaka ngomhla ka-23 kuDisemba, iqembu lamemezela ukuhlukana nalo mdlali.

Wabe esejoyina iSabail FK egijima khona kwi-APL, kuyo wadlala imidlalo engu-14 washaya amagoli amathathu. Kodwa kwabhimba lonke uhlelo ngesikhathi emiswa yileli qembu ngomhla ka-11 kuSepthemba ngonyaka odlule. Ukusukela lapho u-Ekstein ubengakalikhahleli nhlobo ibhola emdlalweni osemthethweni.

Kumanje u-Ekstein ukhona lapha eNingizimu Afrika futhi akanaqembu. Kodwa njengoba iwindi lokudayiselana ngabadlali lisavuliwe nje, ukuvezile ukuthi angakujabulela ukuphinde agijime kwiChiefs.

Leli qembu laseNaturena limatasa emakethe njengoba lizama ukuqinisa isikwati. Alikwazanga ukwengeza kubadlali ngesizini edlule ngenxa yesigwebo eyahlawuliswa ngaso yiFIFA. Sesiphelile leso sigwebo.

FUNDA NALA: UMahlambi unyamalele kwiSundowns, angase avumbuke kwezikaGavin Hunt

Impempe isingakuveza nokuthi naMaZulu FC aseke akuveza ukuthi engakujabulela ukuthi lo mdlali azogijima kuyo.  Abasondelene nalo mdlali bathi umqeqeshi woSuthu, uBenni McCarthy useke waxhumana naye embuza ukuthi engavuma yini ukuza eThekwini.

Ne-Orlando Pirates yayike yamataniswa nalo mdlali ngaphambi kokuthi aye phesheya. Nokho kulokhu ngathi ayisayingeni.

EMAIL: Editor@impempe.com TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.