U-Elgar ufuna umgqigqo kumaProteas kweyeTest

UDean Elgar noKagiso Rabada
Sihle Ndlovu

Ugcizelela ukuthi kumele bazame ukuba nomgqigqo ukaputeni wamaProteas, uDean Elgar, njengoba bezodlala neBangladesh imidlalo emibili yeTest.

Ukungabi namgqigqo kweqembu lakuleli kuhlale obala ngesikhathi libhekene neNew Zealand emidlalweni emibili yeTest, egcine iphele ngo 1-1.

Kowokuqala iNingizimu Afrika ayenzanga kahle neze, yagcina ishaywe kalula nge-innings nama-run angu-276, osukwini lwesithathu. Kowesibili amaProteas ashaye into ecokeme ebhetha kanjalo nasekushwibeni, awuwina umdlalo ngama-run angu-198.

“Sidinga ukuba nomgqigqo emidlalweni yethu yeTest. Okwamanje njengeqembu siyahluleka sonke ukugcina umgqigqo ofanayo. Kumele sisebenze kulokho,” kusho u-Elgar.

Ngaphambi kokuthi iNingizimu Afrika iye eNew Zealand ibidlale kahle kakhulu ne-India. Nokho ibukeke ihluke kakhulu ngesikhathi seyidlala umdlalo wokuqala neNew Zealand.

Imidlalo ezodlalwa yiNingizimu Afrika neBangladesh ibaluleke kakhulu ngokwamaphuzu eChampionship.

Le midlalo yeTest ezodlalwa izoqondana nokuqala kwe-Indian Premier League (IPL), kanti akukacaci ukuthi abadlali abafana noKagiso Rabada bazolinda yini amaProteas aqede le midlalo.

“Ngicabanga ukuthi ukudlalela izwe lakho kukhulu kunalokho (i-IPL). Nakanjani ngidinga ukuba neqembu lami eliqinile kule midlalo yeTest,” kusho u-Elgar.

La mazwe azoqale abhekane emidlalweni emithathu yokusuku olulodwa, eqala ngowokuqala eSuperSport Park ngoMashi 18. Owesibili useWanderers Stadium, eGoli, ngoMashi 20.

Umdlalo wesithathu nowokugcina wosuku olulodwa uzophindela eSuperSport Park ngoMashi 23. Ngemuva kwalokho kuzobe sekuqala imidlalo yeTest.

Owokuqala weTest uzokuba seKingsmead Stadium, eThekwini ngoMashi 31. Owesibili useSt George’s Park, eGqeberha, ngo-Ephreli 8.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.