U-Ellis uliqinise kahle azogadla ngalo kwiMozambiqu kweyokuhlunga

U-Ellis uliqinise kahle azogadla ngalo kwiMozambiqu kweyokuhlunga
UMelinda Kgadiete
UDABA: Zukiswa Tshaka
ISITHOMBE: Twitter

Umqeqeshi weBanyana Banyana uDeseree Ellis umemezele isikwati esizodlala neMozambique emidlalweni yokuhlungela iCAF African Women’s Cup of Nations (Awcon) .

U-Ellis uqoke iqembu eliqinile labesifazane elizodlala umzuliswano wokuqala wokuhlungela ngoLwesithathu e-Estadio Nacional do Zimpeto eMaputo.

Leli qembu lizoya enhlokodolobha yaseMozambique ngoMsumbuluko ukuyoqala ukulungiselela lo mdlalo.

IBanyana ibhayiziseke kabana kwiCosafa Women’s Champioships ngeledlule ekubeni beyiye kuyo ithwelwe ngeqoma.

Angitho beyiye kulo mqhudelwano ibuya kwi-Aisha Buhari Cup ebidlalwa okokuqala eNigeria ngenyanga edlule la yafike yayidla khona le ndebe ishaya kwayona iNigeria.

Leli qembu libukeka lizoba namandla njengoba kulindeleke ukuthi kubuye abadlali abaphezulu abadlala phesheya kwezilwandle.

U-Ellis uthe ukubuyela emuva kwiCosafa Cup lapho iqembu lahlulwa khona yiMalawi neZambia bakubeke emuva njengoba sebegxile kweyokuhlungela i-Awcon.

Umlenze wesibili phakathi kwalamaqembu uzodlalwa ngoLwesibili lomhla ka-26 Octhoba eDobsonville Stadium la eNingizimu Afrika

I-Awcon  ihlelelwe ukuba seMorocco phakathi kukaJulayi no-Agasti 2022 ngemuva kokukhanselwa kwayo phambilini ngenxa yokuqubuka kweCoronavirus.

FUNDA NALA: IChiefs ibukise ngeChippa iyibhaxabula kabi

Lime kanje iqembu eliqokwe u-Ellis elizobhekana neMozambique:

Onozinti:  Kaylin Swart (JVW FC); Regirl Ngobeni (University of Western Cape)

Izitobha: Lebohang Ramelepe (Dinamo Minsk); Janine Van Wyk ( JVW FC); Tiisetso Makhubela (Tshwane University of Technology); Bambanani Mbane (Mamelodi Sundowns); Mandisa Faya (Lindelani Ladies FC); Asanda Hadebe (Sunflower WFC)

Eseswini: Sibulele Holweni (UWC); Refiloe Jane (AC Milan); Linda Motlhalo (Djurgarden FC); Gabriel Salgado (JVW); Noxolo Cesane (UWC); Oratile Mokwena (Mamelodi Sundowns FC); Robyn Moodaly (JVW)

Abagadli: Hilda Magaia (Moron BK); Melinda Kgadiete (Mamelodi Sundowns); Thembi Kgatlana (Atletico Madrid)

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.