Sihle Ndlovu
Umqeqeshi weBanyana Banyana, uDesiree Ellis, uthi kusebenze amava ukuze bazibekisele indawo kwi-Africa Women Cup of Nations (Awcon) ezokuba seMorocco ngoJulayi.
Usho lokhu ngemuva ngokuthi bebambane ngo 1-1 ne-Algeria emlenzeni wesibili ekuhambeni ngoLwesithathu. Umdlalo womlenze wokuqala uphele ngo 2-0 eNingizimu Afrika nokuchaza ukuthi iBanyana iwine ngo 3-1 sekuhlanganiswe imilenze yomibili.
“Amava esinawo okuthi sesike saba lapha, namava esinawo eqenjini nje lilonke, yiwona asibeke lapho sikhona manje,” kusho u-Ellis.
Lo mqeqeshi ukhalile nokho ngenqwaba yamathuba abawayekile kulo mdlalo.
“Ukuqedela kwethu bekungekuhle neze. Bekumele sihambe phambili ngo 3-0 noma ngo 4-0 ngaphambi kokuthi baze bashaye igoli,” kusho lo mqeqeshi.
“Nasekuvimbeni igoli abalishayile ngicabanga ukuthi bekumele senze kangcono kakhulu. Nokho sengike ngaba kulesi simo phambilini, besidinga nje ukuqhubeka nokudlala kahle.
“Sibonile ukuthi bebengeyona ingozi kakhulu ngaphandle kwamabhola amade abebewadlala nama-free kick abebewathola.
“Ekugcineni i-Algeria ibilokhu izama ukuhlasela ngoba bekumele ikwenze lokho. Akubanga yigoli elihle ukuthi silidedele kodwa kumele sibethulele isigqoko ngokuthi abazange balilahle ithemba.”
IBanyana kuzomele isike iphethini kwiMamelodi Sundowns Ladies ebuye nesicoco seCAF Women Champions League ebidlalelwa eNigeria ngonyaka odlule.