U-Erasmus ‘osephole kahle’ usejahe kuqale isizini abhakuzise inethi

U-Erasmus 'osephole kahle' usejahe kuqale isizini aqale abhakuzise inethi
UKermit Erasmus no-Andile Jali
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Ukuvakasha nezingane zakhe eDisneyland kumsizile umgadli weMamelodi Sundowns, uKermit Erasmus wathola isikhathi sokwelulama ekulimaleni waphola nasemoyeni.

U-Erasmus wafika nedumela kwiMamelodi Sundowns ekuqaleni kwesizini edlule kodwa wagcina enganzanga simanga esitheni. Ukulimala kwaba nomthelela kulokhu njengoba kunesikhathi asihlalile engadalli.

Kodwa manje uthi useluleme ngokuphelele futhi ukulungele ukubuyela enkundleni asebenze. Ngesikhathi kuvaliwe, uthole ithuba lokuyobona abantwana eHolland, wabakhipha bayoshaywa umoya eDisneyland.

“Abanye bethu bebenokulomala obekusihlupha obekumele sithole isikhathi sokukwelapha kahle. Ikhefu libe yisikhathi esihle sokubhekana nalokhu nokuzinakekela kahle okuyinto ezosisiza sidlale isizini yonke singaphazanyiswanga yilutho,” kusho u-Erasmus.

“Ngiye eHolland ukuyobona nokuchitha isikhathi nezingane zami. Sibe sesivakashela eDisneyland bangibonisa zonke izinto abazithandayo khona. Bekumnandi ukuthi ngibabone ngemuva kwesikhathi eside ngabagcina.

“Ngijabule, umqondo wami upholile… Ngokwengqondo ngisesimweni esihle kakhulu, ngokomzimba ngisazikhandla ukuze ngibuyele esimweni esihle ukuze ngenze kangcono kunangesizini edlule,” kuchaza lo mgadli omfishanyana.

Uthe usekujahile ukuba kubuyelwe ensimini ukuze aqale umsebenzi wokuqhulula amagoli asize iSundowns idle izicoco. Lokhu uthi yiyonanto eyamletha kuleli qembu.

“Kuhle ukukulambela ukwenza kahle ungumdlali, kodwa angizenzeli mina nje kuphela neqembu lonkana kumele lisizakale nalo. Sifuna ukuzama ukwakhela kwesikuzuze ngesizini edlule bese sizame ukwengeza esikufaka ekhabetheni lezindebe.

“Sengijahile, angisakwazi ukulinda. Sikuqale kahle ukuzilungiselela futhi sesijahe kuqale isizini. Bekubalulekile ukuthi sibe nekhefu siyozivuselela kabusha. Kuzomele asebenze ngokuzikhandla ngampela u-Erasmus kuleli qembu ngale kwalokho engazithola esephenduke isihlwele.

ISundowns itheze abagadli ababili njengoba kuvulwe iwindi lokusayinisa abadlali nje. Ilande uPavol Safranko noThabiso Kutumela. Laba bafikela phezu kwabanye abaningi okukhona kubo Hashim Domingo, Peter Shalulile, Gift Motupa, Mauricio Affonso, Erasmus, Lesedi Kapinga noPhakamani Mahlambi.

FUNDA NALA: UBenni McCarthy uthi iChiefs seyibutha kwasani njengoba seyivulelwe ukusayina nje

Kwesinye isikhathi isizini iba yinde igcine seyikhathaza ngokuhamba njalo. Kuhlale kubalulekile ukuthi ubuye uphumuze umqondo, ungenzi lutho oluhlangene nebhola uzihlalele nomndeni wakho,” kuphetha yena.

ISundowns imemezele ukuthi sesisayine uSifiso Ngobeni weBloemfontein Celtic. Lo mdlali ungowesithupha ukusayinwa yileli qembu elingakabasho elizobadedela.

Indawo ngayinye kuleli qembu seyinabadlali okungenani abane kuya phezulu. UNgobeni uzobanga noLyle Lakay, Tebogo Langerman, Divine Lunga noMalebogo Modise.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.