U-Erasmus udidwa eyomqeqeshi weBafana ongakholelwa kokwakuleli

U-Erasmus udidwa eyomqeqeshi weBafana ongakholelwa kokwakuleli
UKermit Erasmus weMamelodi Sundowns ucikwa yinkulumo kHugo Broos
Alfred Ngubane

UKermit Erasmus, ongumgadli weMamelodi Sundowns usephawulile ngokushiwo ngumqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos ukuthi kushoda abadlali abasezingeni eNingizimu Afrika.

“Kungani sinomqeqeshi ongakholelwa kubadlali nakwiligi yethu? Ngiyaxolisa ngokuphahluka ngemicabango yami,” ubhale kanje u-Erasmus kwiTwitter.

Lo mdlali ukhuluma kanjena nje yingoba sekubame emphinjeni abadlali nabaqeqeshi abaningi kuleli ukushiywa ngaphandle kwabadlali abanonhlonzo abafana no-Andile Jali noThemba Zwane bese kukhalwa.

Phela laba badlali bashaya ingcwenga yebhola kodwa ubabukela kude lo mqeqeshi okhala ngokuthi badala kodwa ebe ebaqoka abanye asebekhulile.

Le nkulumo ka-Erasmus isuse umsindo njengoba abanye bebemeseka kanti kukhona abavele baphoxa yena, bembuza ukuthi ukuliphi izinga.

FUNDA NALA: Ayaxhugela AmaTuks anomdlalo obalulekile ozocacisa ukuthi azodlalaphi ngesizini ezayo

Nomqeqeshi wakhe kwiSundowns, uSteve Komphela uphawulile ngale nkulumo kaBroos athe ukhipha kuyo amaqiniso.

“Isizwe sakithi kuvele kukhunywe noma yikanjani nje ngaso kungakhonjiswa nhlonipho. Kuwukwedelela lokhu kodwa ke abanye baboba kukhishwa amaqiniso.

“Kodwa kwabanye lokhu kuwukweyisa nje okusobala,” uKomphela naye ubhale kanje kwiTwitter ngalolu daba.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.