U-Erasmus uyabazi ubungozi baBafana Bes’thende

UKermit Erasmus
Sihle Ndlovu

Umgadli weMamelodi Sundowns, uKermit Erasmus, uthi umbango wokuthola ijezi okhona eqenjini iwona owenza abhukule kakhulu kunakuqala.

U-Erasmus uthe ukulikhuphula izinga emidlalweni edlule futhi uyalinikwa nethuba lokudlala. Uwuqalile umdlalo waze washaya amagoli amabili ngesikhathi bebhabhadisa iSummerfield Dynamos, edlala kwi-ABC Motsepe League, ngo  5-0 kwi-quarterfinal yeNedbank Cup ngempelasonto.

“Bekulokhu kuwukusebenza kanzima kusukela isizini iqala, yingakho ubona umuntu enza kahle manje. Sizilungiselele kahle kusukela ekuqaleni kwesizini,” kusho u-Erasmus.

“Abadlali benza kahle kanti nokuncintisana kuhle kakhulu. Yilokho okwenza ukuthi ubone senza kahle kule midlalo edlule.

“Sigxilise imiqondo ekuziqeqesheni nokulungiselela umdlalo uzayo. Lokhu kwenza ukuthi uhlale ulungile uma uthola ithuba lokudlala.”

ISundowns izobhekana neLamontville Golden Arrows emdlalweni weDStv Premiership, eLoftus Stadium, ngoLwesibili ngo-3 ntambama.

“Ngicabanga ukuthi sizilungiselele kahle, asizikhathazi ngobungozi abangase beze nabo. Into esizoyenza nje ukuthi sisebenzise ubuthaka babo ngendlela esiwuhlele ngayo umdlalo wangoLwesibili. Siwulindele,” kusho lo mgadli.

Nokho ukubalulile ukuthi abalona iqembu okulula ukudlala nalo ngoba bayashesha.

“Bahlale behlasela ngokuzuma futhi banabadlali abane baphambili abashesha kakhulu. Kuzoba umdlalo onzima kodwa ngicabanga ukuthi uma singababamba ngabadlali bethu abathathu baphambili, singabaniki ithuba lokuthola ibhola, sinethuba lokubuya namaphuzu aphelele,” kuphetha u-Erasmus.

Emdlalweni odlule iSundowns ishaye iSwallows FC ngo 4-2, kanti Abafana Bes’thende bagcine bethelwe othulini yiStellenbosch FC ngo 2-0.

editor@impempe.com

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.