U-Erasmus uzidonsele amanzi ngomsele nge-video egxeka unompempe

U-Erasmus uzidonsele amanzi ngomsele nge-video egxeka unompempe
URassie Erasmus
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

ISouth African Rugby (Saru) nomqondisi wayo, uRassie Erasmus sebebekwe icala lokungaziphathi kahle ngaphambi kokuthi kudlalwe umdlalo wokugcina eKapa ngoMgqibelo.

Ngesonto elidlule kuvele i-video lapho ebekukhuluma khona u-Erasmus ngokungadlalisi kahle kukanompempe kwiTest yokuqala. Lento kukhulunywe kakhulu ngayo ngaphambi kweTest yesibili.

Ingosi ebhalwe nguClive Woodward, owake wawina iNdebe yoMhlaba, kwiDaily Mail lapho ethi khona “mkhombiseni ukuthi ubani ophethe” kubukeka kuyiyona efake ingcindezi kwiWorld Rugby ukuthi ithathe izinyathelo.

“IWorld Rugby kufanele ikhombise uRassie Erasmus ukuthi ubani ophethe ngoba sekwanele manje. I-video yakhe eyihora lonke ikhombisa ukuthi uyalwa.

“Futhi kumele ahlale kude le nabanye abaqeqeshi kunokuthi elokhu ezifihla ngokuthi ungumfana ophatha amanzi enkundleni,” kusho uWoodward engosini yakhe ngoMsombuluko.

U-Erasmus ujwayele ukungena enkundleni ephethe amanzi uma kukhona olimele. Le nto ijwayelekile kakhulu ebholeni lombhoxo kodwa yenziwa omunye wabadlali abasuke bengadlali ngalolo suku.

Abaningi babona lokhu njengomqondo wokuthi u-Erasmus usuke efuna ukukhuluma nabadlali ngoba uyena obeqeqesha iqembu phambilini.

Nokho awukho umthetho okuvimbayo lokhu ebholeni lombhoxo. Bakhona abafuna ahlawuliswe ngamaphutha akhe amaningi unompempe uNic Berry nokungamhloniphi kwakhe uSiya Kolisi emdlalweni wokuqala.

Nokho akwaziwa noma lokhu okwenzeka njengamanje kuzowagqugquzela yini amaBhokobhoko noma kuzowaphazamisa.

INingizimu Afrika izobhekana neBritish & Irish Lions emdlalweni wokugcina weCastle Lager Lions Tour, eKapa, ngoMgqibelo.

FUNDA NALA: UTau useveze isifiso sakhe sokuqhubeka nokudabula inethi kwiBrighton

Kungokokuqala ngqa ukuthi la maqembu aye emdlalweni wokugcina weTest ebambene ngo 1-1. AmaBhokobhoko adlale kahle kakhulu ngoMgqibelo ewina ngo 27-9 ukuze alinganise.

Uma u-Erasmus etholalakala enecala angase amiswe ukubonakala emidlalweni ethile noma ahlawuliswe imali. Nokho lokhu kubukeka kuyinto engeke yenzeke ngaphambi kweTest yokugcina eKapa.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.