U-Erasmus uziphuthisele ngethuba lokudlala neBucs

U-Erasmus uziphuthisele ngethuba lokudlala neBucs
UKermit Erasmus
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

‘Ukudelela’ unompempe kukaKermit Erasmus weMamelodi Sundowns, kuzokwenza aphuthelwe umdlalo omkhulu abengathanda ukuba yingxenye yawo.

U-Erasmus ukhishwe ngekhadi elibomvu ngunompempe u-Akhona Makalima ngesikhathi iDowns ishaya iBaroka FC ngo 2-1 emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesibili.

Akwaziwa ukuthi utheni uRomeo kodwa u-Akhona uqale wamnika ikhadi eliphuzi ngemuva kokuphushana nomdlali weBaroka.

Uthe esephenduka lo nompempe wabuya wajika ngokushesha wakhiphela u-Erasmus ikhadi elibomvu, nokukholakala ukuthi kungenxa yokuthi kukhona akushilo.

ISundowns izotholana phezulu nePirates emdlalweni wePremiership okulindeleke ukuthi udle ngokushuba eLoftus Stadium,ePitoli, ngoLwesihlanu ngo-7.30 ebusuku.

U-Erasmus useke wayidlalela iBucs futhi akungabezeki ukuthi ubengathanda ukubhekana neqembu lakhe lakudala.

Lo mgadli akakaze alishaye igoli ebhekene neBucs selokhu afika kwiDowns evela kwiCape Town City.

Emidlalweni emibili ayidlalile egqoke ijezi lamaBrazilians ebhekene neBucs, wehlulekile ukushaya igoli.

Okungamduduza nje ukuthi yomibili leyo midlalo yayiwina iSundowns.

U-Erasmus uthola ikhadi nje ubesazama ukuphendla indawo yakhe eqenjini eliqala imidlalo kwiDowns, kwazise lokho kuyivela kancane kuyena.

Lokhu kwenziwa ukuthi amaBrazilians athembela kakhulu kuPeter Shalulile owaqhulula kalula amagoli selokhu kuqale isizini.

FUNDA NALA: UMashiane uthembisa ukuziphindidelela kwiRoyal AM eyabahlaza

Akwaziwa noma uzodlala yini yena uShalulile njengoba ephume eselimele emlonyeni ngesikhathi bedlala neBaroka.

ISundowns ayikashaywa kule sizini futhi izozama ukuqhubeka nomgqigqo ofanayo uma isibhekene neBucs ngoLwesihlanu.

Ngakolunye uhlangothi eZimnyama zishisa zibuye zibande njengoba zihluleka ukuwina imidlalo ilandelana.

IPirates igcine ibambane nabakhaya iSwallows FC ngo 1-1 ngoLwesibili.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.