U-Erasmus uzokwelapha isifo sePirates, kusho uMaponyane

U-Erasmus uzokwelapha isifo sePirates, kusho uMaponyane
UKermit Erasmus
Alfred Ngubane 

UMarks “Go Man Go” Maponyane ubona Kermit Erasmus ezoba yikhambi i-Orlando Pirates ekade ilifuna lokwelapha isifo sokuhlohla amagoli.

UMaponyane, owazakhela igama kumaqembu amabili aseSoweto iKaizer Chiefs nePirates ngokuhlohla amahgoli, uthi u-Erasmus uyakwazi okulindelwe kuye.

“Ngibona ukuthi uyalwazi usiko mpilo lwe-Orlando Pirates nokuthi izinto zakhona zenziwa kanjani,” kusho uMaponyane exoxa neMpempe.

“Kuzodingeka abaqeqeshi bemnike ithuba elanele lokujwayela kahle ngokomqondo. Akumele bajahe ukumsebenzisa kwazise ubengadlali isikhathi eside (kwiMamelodi Sundowns).

“Ngalokho usazozifuna yena azithole kahle emzimbeni. Okwamanje umanje akekho qatha ngokwanele ukuthi usengadlala umdlalo uze uphele.”

UMaponyane uthi u-Erasmus ungumgadli osezingeni eliphezulu kakhulu futhi unamandla, uyashesha, uyakhahlela futhi unamehlo abukhali.

FUNDA NALA: Usatshiswa ngenkantolo oveze amahlazo okugcaba abadlali kwelePSL

“Kodwa okunye kuncike kubadlali basesiswini ukuthi bayamnika yini ibhola ngendlela adinga ukunikwa ngayo.

“Kuzofanele abaqeqeshi bePirates bamdlalise noFortune Makaringe ngoba uyakwazi ukudisha ibhola lifike kahle kubagadli ngoba uBen Motsware noThabang Monare badlala ukuphunga izitha.

“UVincent Pule noDion Hotto badlala ngokugudla ezihlangothini bese beligoba ibhola. Kuzomele bayilungise kakhulu lendawo yaseswini,” kuphetha uMaponyane.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *