U-Ertugral isamphula umoya eyabashona e-Ellis Park ngo-2001

UMuhsin Ertugral owayecija iChiefs ngo-2001

SIHLE NDLOVU

Ebholeni laseNingizimu Afrika u-Ephreli 11 wango-2001, uyohlale ukhunjulwa njengosuku olubuhlungu njengoba wadlula nemiphefumulo yabantu abangu-43 e-Ellis Park Stadium, kubhekene iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates.

Lo mdlalo kwaphoqeleka ukuthi umiswe ngemuva kokuthi abantu bempintshene kwaze kwadlula emhlabeni abaningi, abanye basala belimele. Ngemuva kweminyaka engu-20 kwenzeka lokhu uMuhsin Ertugral owayeqeqesha iChiefs ngaleso sikhathi uthi usakukhumbula konke sengathi kwenzeke izolo.

“Njengoba sikhumbula abadlula emhlabeni e-Ellis Park ngemuva kweminyaka engu-20 kwenzeka le nto ebuhlungu, kuyasabisa ukukhumbula lolu suku olwasiphula izinhliziyo sonke. Okwenzeka ngalobuya busuku yinto eyayingalindelwe umuntu. Ukuthi kungenzeka isigameko esibuhlungu kanje,” kusho u-Ertugral.

“Sabona kahle ukuthi lo mdlalo usho ukuthini kubalandeli nokuthi ubaluleke kanjani kubona. Ngiyakhumbula ngesikhathi sisazifudumeza ngithi kuSteve Komphela angikaze ngibone abantu abaningi kangaka enkundleni umdlalo usekude ukuqala. Inkundla yayivele isigcwele phama. Kuze kube namuhla ngiyabubona ubuso babadlali bami ababengazi ukuthi kwenzekeni.

“Sasihleli ebhentshini, engikukhumbulayo ukuthi uBrian (Baloyi) wayelokhu ephakamisa isandla sakhe, kwaze kwafika unompempe wasichazela umonakalo owase wenzekile nokuthi kwakumele simise umdlalo.

“Lento yangishaya kakhulu ngemuva komdlalo sesiya lapho kuhlala khona izicukuthwane. Ngabona umfana omncane owangichazela ukuthi uselahlekelwe umfowabo nobaba wakhe. Wayehleli nobaba uMotaung (uKaizer). Lokhu kwawuphula kakhulu umoya wami.

“Asikwazanga ukuthi sivele sibuyele esimeni esijwayelekile, kwathatha isikhathi ukuthi kwenzeke lokho. Ngiyethemba ukuthi lesi simo ngeke siphinde senzeke. Kubo bonke abadlula emhlabeni ngalolu suku imiphefumulo yabo iphumule ngoxolo,” kuphetha u-Ertugral.

Kusukela ngalolu suku iChiefs nePirates abadlali phakathi nesonto futhi badlalela eFNB Stadium kuphela uma abalandeli bevunyelwe ukuya enkundleni.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *