U-Etoó ufuna uSong anikwe isikhathi sokubumba kahle iCameroon

U-Etoó ufuna uSong anikwe isikhathi sokubumba kahle iCameroon
URigobert Song
Alfred Ngubane 

ICameroon Football Federation eholwa nguSamuel Etoó isimemezele umqeqeshi omusha ozopheka iqembu lesizwe elaziwa nge-Indomitable Lions.

Lo mqeqeshi oqashwe ngu-Etoó nguRigobert Song owayenguzakwabo besadlala eqenjini lesizwe phambilini.

USongs uthathe izintambo ku-Antonio Conceicao ngemuva kokuthi lo mqeqeshi ehlulwe esekhaya wagcina elale isithathu kwi-Africa Cup of Nations.

USong wahola iqembu lesizwe laseCameroon isikhathi eside engukaputeni kanti udlalile nakumaligi amakhulu phesheya kwezilwandle.

Uphinde wadlala amahlandla amane kwiNdebe yoMhlaba namahlanhla amahlanu kwi-Afcon wayinqoba kabili.

Emaqenjini adlale kuwo phesheya kwezilwandle singabala iLiverpool, West Ham United, Metz, Lens neGalatsaray.

Useke wahola iqembu labaneminyaka engamashumi amabili nantathu engumqeqeshi. Unomlando wokudlala imidlalo eminingi kakhulu eqenjini lesizwe njengoba ingu-137.

FUNDA NALA: UTinkler ayimthusi nhlobo iBucs ebhaxule elaseSwatini kanzima

Iphini lakhe kuzoba nguSebastian Migne waseFrance noke waqeqesha iDR Congo, Kenya ne-Equatorial Guinea.

UMigne uke waqashwa nayiMarumo Gallants kuleli ekuqaleni kwesizini kodwa washeshe wagodukiswa kukhalwa ngokuthi awubonakali umsebenzi wakhe.

USong nguye ozobe esesebhentshini uma iCameroon seyidlala imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ezoba seQatar.

ICameroon izogadulisana ne-Algeria esigabeni sokugcina semidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ezoba ngasekupheleni kwalo nyaka.

U-Etoó ukucacisile ukuthi ukulanda uSong ukwenze ngoba unolwazi olunzulu futhi kumele bamgcine, bamnike isikhathi njengo-Aliou Cisse waseSenegal.

UCisse uwine i-Afcon ebiseCameroon ngemuva kweminyaka eyisikhombisa epheka iTeranga Lions.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.