U-Eva Nga uveza okwamenza wagxuma wahlala uma ebizwa kwiBucs

U-Eva Nga uveza okwamenza wagxuma wahlala uma ebizwa kwiBucs
Umgadli we-Orlando Pirates u-Eva Nga
Sbongs Gumbi

Yize ethi ukujabulele ukuba kwi-Orlando Pirates uBienvenu Eva Nga kodwa into okumele ayazi wukuthi uma engayibhakuzisi inethi, uzozithola engasahlalisekile.

Lo mgadli unengcindezi enkulu njengoba evale isikhala sikaGabadinho Mhango ohanjiswe kuleli qembu abalandeli bemthanda.

Ngokwemisebenzi abasayenzile ebholeni lakuleli, u-Eva Nga akekho neze ezingeni likaMhango futhi kuzomele asebenze ukuze azifake ezinhliziyweni zabalandeli bePirates.

“Enye yezinto ezingihehile kwiPirates yindlela iqembu eliphethwe ngayo. Yonke into ihlelekile futhi yenziwa ngesikhathi,” kusho lo mgadli odabuka eCameroon.

“Lokho kuyakusiza ukuze uthuthuke ekuziphatheni ngoba uyazi ukuthi kumele wenze yonke into ngendlela ehlelekile.

“Kumele uzikhandle ukuze ungene eqenjini eliqala imidlalo. Ngaphezu kwalokho, yiqembu elikhulu eNingizimu Afrika kusho u-Eva Nga.

FUNDA NALA: Uyiqale kahle impilo kwiSundowns uWilliams 

“Kumnandi (ukuba kwiBucs). Ngijabule kakhulu. Ngingakusho nje ukuthi kufezeke iphupho. Ngijabule kakhulu ngokuba yingxenye yaleli qembu elikhulu kangaka.

“Ngemukelwe ngemfudumalo ngabantu ebengigcina ngokubabukela kude. Yingakho ngithi nngijabule impela ngokuba lapha.”

U-Eva Nga ubonge nabalandeli ngokumemukela kahle, wathi uzobabonga ngemisebenzi. Leyo misebenzi kubhekwe iqale ngoMgqibelo ntambama.

IBucs izovula isizini kwiDStv Premiership ngomdlalo ezobhekana kuwo nomkhaya bayo iSwallows FC e-Orlando Stadium ngo-3 ntambama.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.