U-Eva Nga uzoba yingozi odongeni lweChiefs olubuye lwezele

U-Eva Nga
Sihle Ndlovu

Umgadli weChippa United, u-Eva Nga Bienvenu, angaba yingozi kakhulu kwizitomba zeKaizer Chiefs ezibuye zibambe ziyeke emuva.

La maqembu azotholana phezulu emdlalweni weDStv Premiership, eNelson Mandela Bay, ngoMgqibelo ngo-5 ntambama.

U-Eva Nga ungomunye wabadlali abahamba phambili ngokushaya amagoli kwiPremiership kule sizini. Usenamathisele phakathi amagoli ayishiyagalolunye, kanti usele ngayisithupha kuPeter Shalulile weMamelodi Sundowns ozihola phambili ngawu-15.

Lo mdlali uwuthatha njengobaluleke kakhulu lo mdlalo weligi abazowudlala naMakhosi.

“Sidinga ukuthi siwuwine lo mdlalo sithole amaphuzu amathathu ekhaya,” kusho u-Eva Nga, odabuka eCameroon.

“Kubalulekile kakhulu ukuthi sidlalela ekhaya. Ngiyazi ukuthi iKaizer Chiefs akulona iqembu elincane, yiqembu elikhulu kakhulu. Ngingathi sizinika u-75% ukuthi yithina esizowina umdlalo.

“Sinabadlali abangu-11 abazobe bedlala, kanjalo nabo bazobe benabangu-11. Iqembu elizowina umdlalo yilelo elizogijima kakhulu ngosuku lomdlalo.”

IChippa ayikasindi ezembeni njengoba iyibambe endaweni ka-13 kwilogi yePremiership. Ngasohlangothini lweChiefs izozama ukuwina ngemuva kokulahla amaphuzu ishaywa yiLamontville Golden Arrows ngo 1-0 emdlalweni odlule.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.