U-Eymael uqashwe ngoMsombuluko wachithwa ngoLwesithathu kwiChippa

ULuc Eymael

MTHOKOZISI MNCUSENI

Lugcine lugobile uphondo kuSiviwe “Chippa” Mpengesi wakuhoxisa ukuqasha kwakhe uLuc Eyamel njengosomaqhinga.

Njengoba bekushiwo kwi-Impempe.com, iChippa ibe nomhlangano ngoLwesithathu okuyilapho u-Eymael etshelwe khona ukuthi kuyahoxiswa ukuqashwa kwakhe.

Imbangela yalokhu yingcindezi uMpengesi abenayo kwabezepolitiki kanjalo nakubalandeli bakanobhutshuzwayo bonkana eMzansi.

Ngaphambi kokuthi iChippa iqinisekise lokhu, Impempe.com ibisitholile ukuthi u-Eymael uyahamba.

“Bakhuluma amanga abathi ngiyaxoshwa. Ayingixoshi iChippa kepha iyaphoqwa ukuthi ihoxise ukungiqasha kwayo,” usho kanje u-Eymael.

“Kungenelele kakhulu ipolitiki manje sonke siyabona ukuthi akukho esingakwenza. Ngilinde ukuzwa ngayo iChippa okuzokwenzeka kodwa kuyacaca.

“Kwazi bani mhlawumbe ngoLwesine ngizobe ngiseGoli lapho ngizofika khona ngihlolele i-Covid-19 bese ngibuyela ekhaya eBelgium?” Ukhulume kanje u-Eymael ngoLwesithathu emini.

“Kusobala ukuthi uLuc Eymael kumele ageze igama lakhe ngakho ngeke sisaqhubeka nokumqasha njengosomaqhinga wethu. Siyamkholwa futhi uma ethi kukhona azokwenza ukugeza igama lakhe emphakathini.

“Ukushilo futhi u-Eymael ukuthi uzothatha izinyathelo kodwa uzoqale alalele abammeli bakhe ngoba ukholwa ukuthi indlela aphathwe ngayo (eNingizimu Afrika) ikakhulukazi kwabezindaba imehlise isithunzi.

“Siyiqembu elingahambisani nokucwaswa kwabathile ngenxa yebala labo ngakho-ke besingeke simqashe u-Eymael sazi ukuthi kunecala abekwe lona ngenxa yalokhu,” besibhalwe kanje isitatimende esikhishwe iChippa ngoLwesithathu ntambama.

NgoJulayi nyakenye, u-Eymael ukhonjwe indlela kwiYanga Africans yaseTanzania lapho ebize khona abalandeli beqembu lakhe ngezinkawu ezingakaze zilubhade esikoleni.

Bese kungokwesibili uMpengesi ezama ukuqasha lo mqeqeshi onuka iqala nakubantu abaziwa ngokuba nezinhliziyo ezinhle njengoSteke Komphela weMamelodi Sundowns.

Email: mthokozisi@impempe.com

Twitter: @MthokozMncuseni

Facebook:Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *